Icala lobugebengu bokuzitapela imali yase-VBS Mutual Bank lizophinde libambezeleke njengoba abasolwa ababili, owayenguMgcinimafa we-ANC eLimpopo uDanny Msiza kanye noKabelo Matsepe, owayengumholi we-ANCYL, bethi umbuso ugodle amaphepha abalulekile.
Bemelwe ngowayengumshushisi osezingeni eliphezulu uShaun Abrahams, bathi ukwehluleka kombuso ukunikeza inkantolo ubufakazi obubalulekile kubavimbela ekulungiseleleni ukuzivikela.
U-Abrahams uthe: “Njengoba lokhu kuthatha isikhathi eside, akubona ubulungiswa kumakhasimende ami.”
Uthe uMsiza noMatsepe bafuna ukuqalwe ukuqulwa kwecala, kodwa ukwenqaba kombuso ukwabelana nabo ngamaphepha abalulekile kwenza lokho kube yinkinga.
UMsiza noMatsepe sebecela ukuthi icala labo liqulwe ngokwehlukana nabanye abasolwa abangu-11 kanti sebecele ukuthi kumiswe isikhashana kuze kube iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala inquma ngesicelo sabo.
Baphikisana nesinqumo senkantolo ephakeme ebanqabela imininingwane eyengeziwe ngamacala abo.
Ummeli wombuso u-Advocate Hein van der Merwe uthembise ukuphikisa izicelo zabo.
Phezu kwalokhu, u-Abrahams uyazethemba futhi uveza ukuthi icala lombuso lintekenteke, uthi lincike ophenyweni oluholwa ngu-advocate Terry Motau kanye nabameli bakwaWerksmans.
Uthe: “Amakhasimende ami ayangabaza ukwethembeka kwanoma yini evela kuMotau kanye nabakwaWerksmans, bayawadinga lawo maphepha ukuze baphikise amacala.”
Abasolwa abangu-13 okubalwa kubo uMsiza noMatsepe babhekene namacala okweba, ukukhwabanisa, ukushushumbisa imali namacala enkohlakalo.
Basolwa ngokweba u-R2-billion ebhange elawa iVBS Mutual Bank phakathi kuka-2015 no-2018.
Omunye wabasolwa, owayeyisikhulu esiphezulu sezimali eVBS, uPhilip Truter usevele walivuma icala futhi udonsa isigwebo seminyaka eyishumi.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: UDanny Msiza.
Umthombo: X