Ukukhala ngokuchitha imali eningi kweMamelodi Sundowns kubadlali be-DStv Premiership ngeke kusize ukuketula leli qembu lase-Tshwane, kubhala uMenzi Magubane.
Kuyiqiniso ukuthi iSundowns ingelinye lamaqembu anothe kakhulu eMzansi yingakho iheha abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Kungizwisa ubuhlungu ukuzwa amanye amaqembu ethi iSundowns isebenzisa imali yayo ukuze iphumelele.
Umbuzo wami uthi: yini ewavimbayo ukuthi enze okufanayo? Ngicabanga ukuthi agxeka ngokungafanele lapha.
Yebo iSundowns inayo imali futhi ayesabi ukuyisebenzisa, kodwa akusiyo kuphela imali eyenza ukuthi ikhonye. Leli qembu lihle ekutshaleni imali kubadlali kanye nasethimbeni labaqeqeshi.
Yilona kuphela iqembu lakuleli osekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu linethimba elifanayo labaqeqeshi.
UPitso Mosimane wabeka isisekelo ngesikhathi ejoyina leli qembu ngo-2012 ngemuva kokwesula njengomqeqeshi weBafana Bafana. Ukuba noManqoba Mngqithi noRulani Mokwena njengabasizi bakhe kwaholela ekuzalweni kabusha kweSundowns esiyibona namuhla.
Ngokwami ngicabanga ukuthi amaqembu afana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates okwakungamaqembu amakhulu ngeminyaka yango-70, ngo-80s, ngo-90s nasekuqaleni kwango-2000 kufanele aqale ukwenza umehluko – ayeke ukuphila emandulo.
Yebo asengamaqembu amakhulu kuleli kodwa ukuncishana ngeke kuwayise ndawo, nokuyinto eyiqiniso kuwona wonke amaqembu aku-premiership. Uma efuna ukuphonsela iSundowns inselelo kumele akuqonde ukuthi ukuze wenze imali kumele uzimisele ukusebenzisa imali.
Ukuxoshwa nokushintshwa kwethimba labaqeqeshi ngeke kubayise ndawo.
Umdlali oseqophelweni eliphezulu ubiza imali eshisiwe kanti iSundowns ayikwesabi ukukhokha. Uma amanye amaqembu engase aqale ukushaya emaphaketheni awo i-Premiership izoyeka ukuba umdlalo weqembu elilodwa.
Kuyimanje kule sizini iSundowns izothweswa isicoco sokuba ngompetha bakuleli okwesithupha kulandelana kanye namahlandla angu-13 emlandweni we-PSL.
Amaqembu amaningi alokhu ethi akukho angakwenza ukuvimba iSundowns.
Esithombeni esingenhla: IMamelodi Sundowns
Umthombo wesithombe: @Masandawana