Ukubalekela ekhempini yase-Cameroon kwasiza amantombazane amancane ebungozini be-Boko Haram

Dylan Bettencourt

I-Africa Cup of Nations (Afcon) akuyona yodwa imidlalo yebhola eyenzeka e-Cameroon.

Lesi sizwe sisiza amantombazane asemancane ase-Nigeria asebenzisa ibhola ngokubalekela ubungozi be-Boko Haram.

Yize iqembu lamaphekula i-Boko Haram lisasebenza emazweni amaningana ase-Afrika, isifunda esisenyakatho ne-Cameroon sesiyikhaya lezisulu eziningi ze-Boko Haram e-Nigeria.

Cishe iminyaka eyishumi, indawo yase-Sahel ibiyindawo ezinezinkinga kakhulu emhlabeni.

I-Minawao yaba ikhaya lalabo ababaleke emazweni abo ngonyaka ka-2013 ukuze kuhlinzekwe ukuphepha izinkulungwane zabantu base-Nigeria okwadingeka babaleke eqenjini lamaphekula ama-Islam.

Amantombazane asemancane ase-Nigeria asekhempini lapho ababalekela kuyo aseqalile ukusebenzisa ibhola njengendlela yokubalekela iqembu lamaphekula.

Ikhempu eyikhaya lalabo ababaleke emazweni abo lisebenzisa ezemidlalo, ikakhulukazi ibhola lezinyawo, njengendlela yokubuyisela isimo esijwayelekile ezimpilweni zamantombazane.

Ibhola liye laba ingxenye yokuphila kwamantombazane kanye nomthombo wenjabulo nokuziqhenya kwentsha eyayiphila ngenhlupheko kusukela isencane. Iqembu lebhola lamantombazane lase-Minawao linabadlali abangu-20 abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-19, ngokubika kwe-Guardian.

Ukaputeni weqembu uLucy, uthi njengamanye amantombazane amaningi, uhlukumezeke kakhulu ezandleni ze-Boko Haram eyagasela idolobhana langakubo lapho eneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela ubudala.

“Bafike babulala abantu behlome ngezibhamu. Sasisaba kakhulu,” kusho uLucy, manje oneminyaka engu-18.

“Ngashonelwa ngumalume kwashona nabanye abantu abaningi. Kwakuphoqa ukuthi sibaleke.”

Kodwa-ke, ukuthuthela ekhempini e-Cameroon akunikezanga kuphela uLucy , kodwa kwanikeza lonke iqembu ithuba lokuvuselela izimpilo zabo.

“Sidlala ibhola nabangani bethu ukuze sikhulule imiqondo yethu. Ingakho benikeza amantombazane amabhola ukuthi badlale ngawo ukuze akhohlwe ngokwenzeka kuwo,” kusho ukaputeni.

Amantombazane anethemba namaphupho okuba odokotela, izintatheli kanye nabadlali bebhola ikhempu yenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amantombazane afundiswa impilo yokuzimela.

Umthombo wesithombe: @UNHCR

Izihloko zakamuva