Ukuba nqunu kuyicala elibomvu eSingapore 

Uma kuwukuthi ubuhlela uhambo oluya e-Singapore qiniseka ukuthi ufunda incwadi yomthetho kabili ngaphambi kokuthi ubanjwe ibhulukwe lakho liphansi.

Ukuhamba-ze egumbini lakho lehhotela e-Singapore kungakufaka enkingeni emaphoyiseni endawo.

Ezinye izivakashi zasehhotela zingase ziyijabulele inkululeko yokukwazi ukuhamba nqunu emagumbini azo ngaphandle kokwahlulelwa noma ukubonwa isihlobo. Kodwa-ke, umthetho wakamuva wase-Singapore uthi ukuba nqunu egumbini lasehhotela kungajeziswa ngenhlawulo efinyelela ku-R36,000.

Noma ngaphezu kwalokho ngokubhadla izinyanga ezintathu ejele.

Umthetho wamacala ayingxubevange (ukuhleleka komphakathi kanye nezinkathazo) ubheka ubunqunu njengento “enukubezayo kanye nenokuziphatha okubi.”

Ngakho-ke uma ufuna ukuba nenkululeko ethile noma ukuzijabulisa ngaphandle kwezingubo yenza isiqiniseko sokuthi amakhethini akho avaliwe.

Isigameko sakamuva siholele owesilisa wase-Singapore ekutheni ahlawuliswa imali engaphezu kuka-R40 000 ngemuva kokubonwa enqunu emzini wakhe, kubika i-US Sun.

Kungcono abantu abalala benqunu bangene ngaphansi kwezingubo ukuze bagweme ukuzifaka engcupheni yokukhipha inhlawulo enkulu.

Izinhlawulo ezinkulu ziyizinto evamile kuleli zwe lase-Asia, lapho okujeziswa izenzo ezinje ngokudla ishungamu, ukuphakela izilwane zasendle kanye nokweba i-wifi yomunye umuntu.

Akugcini lapho. Ababhemayo qaphelani: i-vaping ayivunyelwe emigwaqeni yase-Singapore.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Umuntu onqunu ehhotela

Umthombo wesithombe: iStock

Izihloko zakamuva