UKolisi ujabulile ngokuyodlalela ama-Sharks

Timmy T Maranda

Ukaputeni wamabhokobhoko owanqoba indebe yomhlaba uSiya Kolisi uzwakalise injabulo yakhe ngokujoyina i-Cell C Sharks kulandela uhambo lwakhe lweminyaka eyi-11 ne-Western Province Rugby.

Ama-Sharks akuqinisekisile ukusayina kukaSiyamthanda ‘The Bear’ Kolisi esivumelwaneni seminyaka eminingi, kanti uKolisi akasayidlaleli  i-Western Province Rugby.

UKolisi uthathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe ne-Western Province Rugby eyayizophela ngoMfumfu kowezi-2021, yize inyunyana yazama konke okusemandleni ukumgcina ekuleli qembu, kepha ukaputeni wayesevele esithathile isinqumo.

U-The bear uchaze lesi senzo sakhe njengesiqalo sesahluko esisha ebholeni lakhe lombhoxo, njengoba edlale wonke umdlalo wakhe wobuchwepheshe eKapa edlalela i-Western Province.

“Mina nabathandekayo bami asisakwazi ukulinda ukuze ngiqale. Ngijabule ukuba yingxenye yomndeni we-Cell C Sharks,” kusho uKolisi ku-akhawunti yakhe ye-twitter.

UKolisi uphinde wahlangana nozakwabo abaningana bamaBhokobhoko okubalwa kubo uCurwin Bosch, uSbu Nkosi noLukhanyo Am ku-KZN Union.

Isithombe: @CellCsharks