UKlopp umemezele umhlalaphansi ekuqeqesheni

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UJürgen Klopp umemezele ukuthi usezothatha umhlalaphansi kubaphathi ngemuva kwezinyanga ezimbili esulile njengomphathi we-Liverpool. 

Ekhuluma engqungqutheleni yabaqeqeshi bamazwe ngamazwe e-Wuerzburg, lo mqeqeshi oneminyaka engu-57 ubudala uphendule mayelana nokuxhunyaniswa nesikhundla sobumenenja e-England esingenamuntu. 

“Okwamanje akukho lutho olukhona ngokomsebenzi. Alikho iqembu, alikho nezwe. Abantu abambalwa kumele ngabe abazange bayizwe leyo ngxenye,” kusho uKlopp. 

Umqeqeshi odumile uwine konke obekumele akuwine ku-Liverpool futhi ube esethi uzothatha unyaka engasiyo ingxenye yebhola ngaphambi kokuba enze ezinye izinqumo. 

Ngemuva kweminyaka engu-23 eyingxenye yabaphathi beqembu, njengamanje usesithathile isinqumo futhi uyichithe ngokusemthethweni noma yimiphi imisebenzi yokuqeqesha esikhathini esizayo. 

“Ingabe ngizophinde ngibe umqeqeshi? Empeleni angikuboni kwenzeka okwamanje. Ake sibone ukuthi kubukeka kanjani ezinyangeni ezimbalwa. Okwamanje, akukho lutho engiluhlelile,” kusho uKlopp. 

“Kusukela namuhla, kuphelile ngami njengomqeqeshi. Angizihambelanga ngokufisa; kube yisinqumo esihlangene. Sengiqeqeshe amaqembu amaningi ahamba phambili emhlabeni.”

“Ngisafuna ukusebenza ebholeni ngisize abantu ngesipiliyoni sami kanye ngibaxhumanise nangabantu engibaziyo. Ake sithule sibone ukuthi yini enye ekhona ngaphandle engingayenza.”

Esithombeni ngenhla: UJürgen Klopp.

Umthombo: @mimimajjaa

Izihloko zakamuva