Lubhalwe nguKarabo Rammutla
UPhinderia Botshelo Phora ubengomunye wamaphoyisa asanda kuqashwa abehambele umcimbi wokuthweswa iziqu e-Pretoria West ngenyanga edlule ukugubha ikusasa eliqhakazile eliphambi kwakhe.
UPhora (31) ubesebenzela esiteshini samaphoyisa e-Dennilton kanti ubekulungele ukwenza elakuleli libe indawo ephephile ngemuva kokuphothula izifundo zobuphoyisa.
Kodwa uye wabulawa kabuhlungu ngoNcibijane, kanti kuthiwa ubulawe umyeni wakhe obenesikhwele nobehlezi emsola ngokumkhohlisa.
Umyeni wakhe ongujele uvele eNkantolo yeMantshi yase-Mamelodi ngoLwesine eyobhekana necala lokubulala.
Isidumbu sikaPhora sitholwe egumbini elingemuva kwendlu emzini abebeqashe kuwo e-Phase 5 e-Mamelodi East, e-Tshwane mhla zimbili kuMasingana.
Kusolwa ukuthi uye waklinywa ngentambo ngosuku olwandulela atholwe ngalo.
Umakhelwane ongathandanga kudalulwe igama lakhe, uthe isidumbu sikaPhora sitholwe ngamalungu omndeni ngesikhathi umyeni wakhe esadukile.
Umakhelwane uthe ngokuhamba kwesikhathi umyeni kaPhora uye watholakala kanti ubengeniswe esibhedlela ngenxa yokuthi ubezama ukuzibulala ngokudla ushevu.
“Umyeni kaPhora ubelokhu emsola ngokumkhohlisa selokhu athweswa iziqu zobuphoyisa. UPhora wake wasibiza ngenhloso yokuzama ukudala uxolo phakathi kwabo njengoba babehlezi belwa,” esho.
Ngemuva kokuthi umsolwa avele kafushane enkantolo yemantshi yase-Mamelodi, icala lihlehliselwe umhlaka-11 kuMasingana ukuze athole ummeli njengoba emnqabile ummeli amnikwe uhulumeni.
Esithombeni esingenhla: UPhinderia Phora
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe