UKing Monopoly usesebenzisana namagama amakhulu emkhakheni womculo

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

UKing Monopoly usengomeni entsha yeBlack Motion ethi ‘Khululeka’, ehambisana noProfessor.

Umculi waseThembisa usebenze ezinhlotsheni eziyisithupha zomculo futhi uhlela ukwengeza ezinye ezimbili ohlwini lwakhe.

UThemba Chipeya, odlala indawo kaKing Monopoly, ugila izimanga emculweni wakuleli.

Uzocula engomeni ezayo yeBlack Motion ethi “Khululeka” noMakadebona womculi uProfessor. Le ngoma iyingxenye ye-albhamu entsha elindelwe ngabomvu yeBlack Motion.

UChipeya usebenza nezihlabani ezifana no-Oskido noMdu Trp, abamveze kumaculo abo akamuva.

Uthe enye yezingoma zakhe ezishisa izikhotha ethi, “Ama’Phoyisa” igqugquzelwe iMafikizolo kanti ikhuluma ngabangani noma omakhelwane abangathandi ukubona abanye bephumelela.

“Incazelo yalezi zinhlamvu igxile kakhulu enzondweni yomakhelwane noma abangani abamelene nenjabulo nempumelelo yakho,” kusho uChipeya.

Uthe yona le ngoma imenze wafonelwa yinkakha yomculi u-Oskido, owancoma ukubhala kwayo wayiveza kwi-albhamu ekhishwe ngaphansi kwenkampani kaChipeya, i-New Beginnings.

UChipeya ukwazi ukwenza imisindo eminingi engomeni. Ubhale noma wacula kumapiano, ihip hop, i-Afro-soul, i-kwaito, i-pop ne-tech. Manje usebenza ku-gospel kanye ne-Afrobeat futhi.

Izingoma zakhe zokuqala ze-Afrobeat zizophuma ngoMandulo.

Uthe inhloso yakhe akukhona ukunamathela emculweni owodwa kodwa ukuba omunye wabaculi abahlukile kuleli.

UChipeya naye umatasa unandisa emakilabhini nasemicimbini. Njengamanje usebenza noChill N Smoke ekilabhini entsha yaseMofolo North ebizwa nge-BleuRoom.

Esithombeni esingenhla: UKing Monopoly enandisa bukhoma emcimbini.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva