UKiller Kau noMpura badlule engozini yemoto

Lwazi Nongauza

Abaculi bama-piano uKiller Kau noMpura badlule engozini yemoto ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokusho kwabangani abasondelene nabo baphinde bacule nabo uKabza De Small kanye noLady Due bathe uKiller Kau beno Mpura kade besendleleni yokuyosayina I-gig e-North west.

I-Record Label nomndeni ka Killer Kau no Mpura basazosiqinisekisa ngokudlula kwabo emhlabeni, kodwa I-Southern African Music Rights Organisation idlulise amazwi endunduzo kubaculi.

Ngenkathi izindaba ziphuma abanye baveze ukuthi uKabza De Small ubehleli nabo ngalobobusuku shuthi kungenzeka ukuthi naye ushonile, kodwa lo-DJ uphendule ngokushesha kwizinkundla zokuxhumana ukuthi uyaphila.

Igama langempela laKiller Kau nguSakhile Hlatshwayo owaduma ngemuva kokuba afake I-ividiyo ecula ingoma ethi Tholukuthi eyathathwa ngengoma yokuqala yama-piano eyaduma kakhulu eNingizimu Africa.

Lo mculi ophinde abe ngumdansi owakhulela endaweni yase-Soweto ewumuntu okhule ecula esontweni ngaphambi kokuba angene kwi-PC church choir ecula ibhesi waphinde wangena ku-African Heavenly Soul Singers male choir.

UKiller Kau waqeda amabanga aphezulu esikoleni sase-Lavela Secondary School endaweni yaseZola. Udlula nje emhlabeni ubenza umculo wakhe kodwa ubefisa ukuba neziqu zokuba uMmeli.

Abaculi nabalandeli babo sebeqalile ukudlulisa imyalezo enenduduzo.

Imizamo ye-Scrolla.Africa nemiqhafazo abayithumele ukuzama ukuthola uMphathi ka Killer Kau beno Mpura ophethe I-Feel Good Music ayiphumelelanga.

Le ndaba iyaqhubeka.

Izihloko zakamuva