
Celani Sikhakhane
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala usolwa ngokuncisha umphakathi wangakwakhe amanzi ngakuyalela ukuthi iloli lamanzi liwayise kwakhe kuphela yize izakhamizi zonke endaweni kade zingenawo amanzi emva kokuhlasela kwezikhukhula.
Kusatshalaliswe ividiyo kwi-TikTok ngempelasonto ekhombisa iloli lamanzi obekufanele liye emphakathini endaweni ehlala uZikalala e-LA Mercy enyakatho yeTheku kodwa umhlonishwa waliyalela ukuthi liye kwakhe kuphela.
NgoMsombuluko i-La Mercy Civic and Ratepayers Association (i-LMRCA) ikuqinisekisile ukuthi uNdunankulu uZikalala ujikise iloli elithwala amanzi walikhomba emzini wakhe ose-La Mercy.
Imoto ebithwele ithangi lamanzi kuthiwa liqonde e-La Mercy lashiya abantu abaswele amanzi ngenxa yezikhukhula behleli etendeni, ehholo lomphakathi kanye nasethempeli. Ngesikhathi abantu abebedinga amanzi bemi ulayini, umshayeli ubatshele ukuthi uyalelwe ukuba awayise lapho okuhlala khona uNdunankulu uZikalala.
“Abantu abebehlaliswe etendeni, ehholo nasethempelini eliseduze abalahlekelwe imizi yabo bebedinga amanzi, kodwa umshayeli weloli wabatshela ukuthi unomyalelo wokuba awayise kwaZikalala,” kusho abe-Ratepayers Association.
UNdunankulu uZikalala uziphikile lezi zinsolo kwi-Scrolla.Africa wazichaza njenge zinsolo ezinonya futhi ezibhedlwa ngabantu abamnyundelayo.
“Ividiyo iyahluleka ukukhombisa ukuthi ithangi linikeze izakhamuzi zasendaweni amanzi futhi lanikeza iningi lazo amanzi abedingeka kakhulu ngaphambi kokuthi ligcwalise lapho engihlala khona,” esho ebhekisa kulevidiyo esigcwele kwi-TikTok.
“Lokhu okwenziwe ilomuntu ofake ividiyo ebonisa ukuthi umndeni wami kuphela othole amanzi amanga aluhlaza lawo.”
Kodwa i-LMRCA isamile kwelokuthi imiphakathi yendawo ibisawadinga kakhulu amanzi ngesikhathi ithangi lijikiswa liya emzini kaZikalala.