Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uthi lingawa icoshwe zinkukhu uma bengavumela izindlu zangasese ezizosetshenziswa ngaphandle kokubheka ubulili ezikoleni.
UMfundisi uThulasizwe Buthelezi ubekhala ngalezi zindlu zangasese ngesikhathi ekhuluma emicimbini obuseDokodweni muva nje.
Uthe abakwazi ukuthi benguHulumeni bavume ukuthi abesilisa nabesifazane basebenzise indlu eyodwa yangasese ngoba lokhu kuzodala inkinga.
“Kumanje kuhlongozwa ukuthi kwakhiwe ezikoleni izindlu zangasese ezizosetshenziswa abesilisa nabesifazane ndawonye.
“Lokhu kusho ukuthi sizobanenkinga yokwanda kwezigameko zokudlwengula uma abesifazane nabesilisa sebesebenzisa igumbi elilodwa lokuzikhulula,” kusho uButhelezi.
Uthe okungenane kungamane kuyiwe enkantolo kubokuba kuvunywe lolu hlobo lwezindlu zangasese eKZN.
Ukusho lokhu nje noNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNksz Siviwe Gwarube ekhombise ukuyishaya indiva indaba yokuba umnyango wakhe lolu hlobo lwezindlu zangasese ezikoleni.
Kunalokho uthe okuseqhulwini kuye ukuba kuqedwe izindlu zangasese eziyimigodi nesezibulele inqwaba yabafundi.
EWestern Cape izigagayi zomphakathi zivele zasayina izikhalo zokuthi azizifuni ezikoleni lezi zindlu zangasese ezivumela abesilisa nabesifazane ukuba bazikhulule mdawonye.
Lolu hlobo lwezindlu luyisiphakamiso esenziwe obenguNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga ngo-2022.
Lokhu kudale umsindo kodwa izikhulu zakhe emnyangweni zathi lolu hlobo lwezindlu zangasese luzoqeda ukucwaswa ngokobulili nokudelelwa kwalabo abaphila impilo yobulili bokuthandana nabobulili obufana nobabo.