Ukhuza ibuya uRihanna 

Lubhalwe nguPrince Azeel

URihanna oseke wawina indondo ye-Grammy izikhawu eziyisishiyagalolunye usememezele ukuthi uyabuya emculweni.

Lo mculi oneminyaka engu-34 ubudala ongowokuzalwa e-Barbados uzobonakala kahle ngeSonto embukisweni we-Super Bowl e-Glendale, e-Arizona, lapho i-Kansas City Chiefs izobhekana khona ne-Philadelphia Eagles.

Ikhefu leminyaka eyisikhombisa likaRihanna limenze wagxila kakhulu kumkhiqizo wakhe wemfashini nokuba ngumama okokuqala.

Wagcina ukukhipha i-albhamu ngoMasingana ngo-2016.

Ekhuluma nezintatheli e-Phoenix e-Arizona ngoLwesine, uRihanna uveze ukuthi ukuba ngumama kuye kulolonge kanjani umbono wakhe ngempilo nokuthi lokho kumkhuthaze kanjani ukuba athathe inselelo yokubuyela emculweni.

“Uma uba ngumama uzizwa sengathi ungathatha umhlaba wenze noma yini ofisa ukuyenza.”

“Noma kungithusa ukubuya ngoba sekuphele iminyaka eyisikhombisa ngingangeni esiteji, kukhona okujabulisayo ngenselelo yakho konke. Futhi kubalulekile ukuthi ngikwenze lokhu kulo nyaka, kubalulekile kimi nakwindodana yami,” engeza.

Ngonyaka odlule ukhiphe ingoma eyedwa yokuhlonipha uChadwick Boseman enesihloko esithi “Lift Me Up”. Ingoma iqokwe kuma-Oscars ngohlelo olulandelanayo lwe-Marvel Black Panther: Wakanda Forever.

Le ngoma iyona kuphela asayikhiphile eminyakeni eyisithupha. 

Ekhuluma ngendlela abenendida ngayo amalungiselelo omcimbi omkhulu, utshele abezindaba ukuthi usekhohliwe ezinye izinto ezibalulekile.

“Bengigxile kakhulu ku-Super Bowl ngaze ngakhohlwa ukuthi usuku lwami lokuzalwa luyeza ngomhlaka-20 kuNhlolanja.”

“Ngikhohliwe nokuthi kuza usuku lwezithandani. Ngifana ne-Super Bowl,” engeza.

Ngo-2018 wenqaba isicelo sokucula ku-Super Bowl ngoba esekela umbhikisho womdlali webhola laseMelika uColin Kaepernick ngokumelene nokungabi nabulungisa ngokobuhlanga.

Isithombe esingenhla: URihanna

Umthombo wesithombe:Twitter

Izihloko zakamuva