Ukhungathekile umphakathi waseMthatha kubulawa inkosi kuhlaselwa nabafundi bamantombazane

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umphakathi waseMthatha e-Eastern Cape ushaqekile ngemuva kokubulawa kwelungu lomndeni wasebukhosini waBathembu kwaphinde kwadlwengulwa abafundi abahlanu baMatikuletsheni ngobusuku obubodwa.

UNkosikazi Nogcinile Mtirara (71) obengunkosikazi womzukulu wenkosi uJongintaba Mtirara, owakhulisa uNelson Mandela, udutshulwe wabulawa esigodlweni eMqhekezweni Great Place, e-Bhityi.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uColonel Siphokazi Mawisa, uthe amadoda amabili abegqoke izifihlabuso ahlasele ngoLwesibili ebusuku.

Kuvulwe icala lokubulala, kanti uphiko lwamacala abucayi kanye nodlame luhola uphenyo ngokwesekwa ongoti bezobunhloli be-SAPS.

INkosi yaseMqhekezweni uNkosikazi Nobulali Mtirara uthe uhlukumezeke kakhulu ukuthi angakhuluma ngalesi sigameko.

Kwesinye isigameko kutholwe isidumbu sowesifazane esinqunu sinamanxeba okudutshulwa endaweni engamamitha angu-600 ukusuka esigodlweni eMqhekezweni Great Place ngezikhathi zasemini ngoLwesithathu.

Amalungu omphakathi athe kugqekezwe okungenani imizi emine ngoLwesibili ebusuku.

Ngabo lobo busuku, abafundi abangamantombazane abahlanu basesikoleni samabanga aphezulu i-Jongintaba kusolwa ukuthi bahlaselwe abalisa ababili bebakhombe ngezibhamu esigodini esiseduze kwaseKonkqeni.

Amantombazane, abelungiselela izivivinyo, adlwengulwe ekhonjwe ngezibhamu amadoda abegqoke izifihlabuso, ashaywa aphinde abanjwa inkunzi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima, uthe izigebengu zintshontshe izinto ezibalulekile okubalwa kuzo omakhalekhukhwini nezikhwama zemali.

UNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade ukugxekile lokhu wathi: “Kuyadabukisa ukuthi kumele sigxeke ukuhlukunyezwa kwabafundi bamantombazane, okumele umphakathi ubavikele njengabaholi bakusasa. Ngicela umphakathi waseMqhekezweni usebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi lezi zigilamkhuba zibhekana nolaka lomthetho.”

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBukelwa Fanta umemezele ukuthi osonhlalakahle baseThuthuzela Care Centre eMthatha bayabeseka abafundi ngosizo oluvela emnyangweni wezempilo, owamaphoyisa kanye nowezobulungiswa.

UMqhekezweni ukhungethwe yizigameko zodlame okubalwa kuzo ukugetshengwa nokubulala okuthiwa zenziwa ngamadoda azifihle ubuso.

NgoLwesithathu ntambama, okhulumela amaphoyisa uColonel Siphokazi Mawisa ukuqinisekisile ukuthi kukhona umuntu ophekwa ngemibuzo ngalezi zigameko ezintathu.

Esithombeni esingenhla: Isigodlo sasebukhosini lapho okudutshulwe kwabulawa khona uNkosikazi Nogcinile Mtirara ngoLwesibili ebusuku.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe.

Izihloko zakamuva