Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Isigameko esihlasimulisa umzimba sishaqise amalungu omphakathi endaweni yase-Soweto e-Rockville ngesikhathi kutholakala izidumbu zezingane ezimbili zicwiyiwe.
Lezi zingane ezineminyaka eyisihlanu nesithupha ubudala ziduke ngoLwesithathu, kanti amacala abantu abadukile abhaliswe esiteshini samaphoyisa e-Moroka.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant-General Elias Mawela ukuqinisekisile lokhu kwa-Scrolla.Africa ngesikhathi kunesithangami sabezindaba somkhankaso we-O Kae Molao e-Midrand ngoLwesine ekuseni.
ULieutenant-General Mawela uthe lezi zingane zitholwe ngamalungu omphakathi ngoLwesine, wengeza ngokuthi i-SAPS isiqoqe izinsiza kulandela ukutholakala kwalezi zidumbu.
“Namhlanje ekuseni kutholwe izidumbu zezingane zicwiyiwe. Omunye utholwe e-White City omunye utholakale ngokuhamba kwesikhathi e-Rockville.”
“Kuyadumaza futhi kuyichilo ukubona izimpilo ezincane kangaka zabantu abangenacala zilahleka ngale ndlela enesihluku kangaka.
“Akukwazi ukuthi akekho obonile noma ozwile. Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba abikele amaphoyisa,” kusho uLt General Mawela. Izakhamuzi zakule ndawo zithe zisashaqekile ngokwenzekile.
Isakhamuzi esizibize ngelikaThemba ngesikhathi sikhuluma ne-Scrolla.Africa sithe “Lezi bekuyizingane ezingenacala ezidlala ngaphandle kwemizi yabazali bazo, okubuhlungu omunye wabafana unqunywe uqhoqhoqho.”
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthe amaphoyisa asenxuse umphakathi ukuthi ubike uma kukhona izenzo zobugebengu.
“Umphakathi uyanxuswa ukuthi uthinte i-Crime Stop Line ku-08600 10111. Noma bangabika ku-MySapsApp osebenza kunoma imuphi umakhalekhukhwini we-smartphone. Uthe yonke imininingwane abayitholile nabazoyithola izoba imfihlo.