Ukhungathekile umphakathi kutholakala isidumbu sesithathu emfucuzeni

Sandiso Phaliso

•Kutholakale isidumbu sesithathu endaweni kadoti ngemuva kwezinyanga eziyishumi silahliwe.

•Izakhamuzi zibe sezibuthana zabhikishela ukwanda kobugebengu esiteshini samaphoyisa e-Phillipi

•I-generator yesiteshi icekelwe phansi izixhwanguxhwangu, nokuphoqe amaphoyisa ukuthi asebenze amahora ayisishiyagalombili kuphela ngosuku. Isidumbu sentombazane okusolakala ukuthi yadlwengulwa yaphinde yabulawa sitholwe endaweni yokulahla udoti e-Phillipi e-Western Cape.

Isidumbu sikaZintle Tsewu obeneminyaka engu-15 singesesithathu ukutholwa endaweni okulahlwa kuyo imfucuza kulezi zinyanga eziyishumi ezedlule, nokuholele ekutheni abantu bakule ndawo bamashele esiteshini esiseduze samaphoyisa saseNyanga ngoMgqibelo bebhikishela ubugebengu obuqhubekayo endaweni.

Isixuku sabantu ababalelwa ku-200 siphinde samasha saya ehhovisi lekhansela lendawo, uMelikhaya Gadeni, sifuna ukuba kususwe indawo okulahlwe kuyo udoti kulandela izigameko zokubulala ezintathu ezenzeke lapho.

Umndeni kaTsewu ugcine ukumbona ngoMgqibelo ntambama ephuma nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma.

U-Amahle Quku owayeneminyaka engu-16 naye watholwa eshonile ngemuva kokudlwengulwa endaweni yokulahla udoti e-Philippi ngonyaka ka-2021.

Isidumbu sikaSinawo Bekindawo owayeneminyaka engu-17 saphinde satholwa endaweni efanayo ngoNhlangulana ngonyaka ka-2021.

UBekindawo naye wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe.

Umndeni kaTsewu ugcine ukumbona ntambama ngomhlaka-12 kuNdasa ngesikhathi ezikhipha nabangani bakhe beyoziphuzela utshwala. Isidumbu sakhe satholwa ngakusasa ekuseni.

Unina kaTsewu, uNokwayiyo Tsewu, uthe ukushona kwendodakazi yakhe kubuhlungu kakhulu.

“Simfunela ubulungiswa. Amaphoyisa kumele enze ngakho konke okusemandleni ukuthola ababulali,” kusho uTsewu.

Phakathi kwezinto ebezifunwa ababhikishi ukwakhiwa kwesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana esisebenza amahora angu-24 e-Phillipi njengoba isiteshi esikhona njengamanje sivulwa amahora ayisishiyagalombili kuphela ngosuku – kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni kuya ngehora lesihlanu ntambama.

Umphathi wesiteshi samaphoyisa eNyanga, uBrigadier Vuyisile Ncata, ekhuluma nababhikishi uthe uzosebenzisana nomkhandlu ukuhlonza indawo yokwakha isiteshi samaphoyisa.

“Awukho ugesi esiteshini samaphoyisa futhi amaphoyisa awakwazi ukusebenza ebumnyameni ngoba lokho kungaba ingozi kuwo, ingakho bevala selishonile ilanga.

Ayikho ijenaretha futhi amaphoyisa awakwazi ukusebenza ebusuku,” kusho uNcata.

“Ngemuva kwamahora amaphoyisa asebenza e-Phillipi athuthele esiteshini saseNyanga. Isiteshi samaphoyisa besivula amahora angu-24 kodwa kube nenkinga kagesi ngesikhathi amalungu omphakathi ecekela phansi ingqalasizinda kagesi,” usho kanje.

Izihloko zakamuva