Ukhungathekile umndeni wowesifazane olahleke ngemuva kokulwa nesoka

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UMandy Buyisile Masondo uduke ngemuva kweminyaka emihlanu kwanyamalala umfowabo uPhakamani.

Ukuphela kwento umndeni wakhe osele nayo amatekisi awashiya ngemuva kokulwa nesoka lakhe.

UMandy ungumzukulu womculi odumile uDavid Masondo weSoul Brothers.

Umndeni wakhe uthi usuhambe kuzo zonke izindawo okungenzeka ukuthi wabonakala kuzo kodwa awuzange umthole.

UMandy uhambe ekhaya lakhe e-Cresslawn eduze kwase-Kempton Park ngoMgqibelo ngomhlaka-20 kuNhlaba.

Umshana kaMandy, uGabisile Masondo uthe umamncane wakhe uxabane nesoka lakhe ngemuva kokuphuza utshwala endaweni yobumnandi.

“Bafike ekhaya ekuseni kakhulu baqala ukulwa ngazo zonke izinhlobo zezinto,” esho.

Uthe bobabili uMandy nesoka lakhe baye kubo kaMandy lapho okuqhubeke khona impi.

Ngemuva kokushiya umuzi wakubo akaphindanga wabonwa.

UGabisile uthe uMandy nesoka lakhe bavame ukulwa.

“Ngelinye ilanga wake wafika ekhaya exhuga kanti ngelinye ilanga wangeniswa esibhedlela.

“Njalo uma simtshela ukuthi ahlukane nesoka lakhe ubengalaleli. Usisole ngokungachemi naye. Isoka belingenawo umuzi walo. Belihlala naye.”

UMandy akalona ilungu lokuqala lomndeni wakwaMasondo ukunyamalala ngaphandle komkhondo.

NgoNdasa 2018 uPhakamani Masondo odume endaweni yangakubo ngelika50 Cent waphuma endlini akaphindanga wabonwa.

“Selokhu u50c ahamba ekhaya asazi ukuthi wayaphi futhi sinovalo lokuthi umlando uzophindeka ngoMandy.”

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Sharon Tsotsotso ukuqinisekisile ukuthi idokodo lomuntu olahlekile livuliwe esiteshini samaphoyisa eSebenza.

USayitsheni Tsotsotso uthe amaphoyisa ayazi ngo-50c owalahleka yize lingekho icala lokulahleka kwakhe elibhaliswe esiteshini samaphoyisa.

Izihloko zakamuva