Ukhungathekile umndeni webhungu (14) eliminzile amaphoyisa eyeka ukuthungatha isidumbu 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umndeni womfana oneminyaka engu-14 ubudala ominze e-Blou Dam eKapa usola  amaphoyisa abatshuzayo ngokuthi awenzanga mzamo etheni ukuthola isidumbu sendodana wawo. 

NgoMgqibelo u-Anje Msi wasemijondolo yaseMfuleni uhambe nomngani wakhe wayobhukuda kodwa wangabe esabuya.

“Ngibe nokukhathazeka ngesikhathi engabuyi ekhaya ngoMgqibelo,” kusho uVuyo Tsustu uyise womfana. “NgeSonto ekuseni ngaya kobika ukuthi [ulahlekile] esiteshini samaphoyisa. Ngaleso sikhathi bengingazi ukuthi ubeyobhukuda.”

NgoMsombuluko, uye esikoleni eyobika ngendodana yakhe elahlekile.

“Ngacela othisha ukuthi babuze abafundi abangabangani bendodana yami, bakwenza lokho. Kulapho-ke, omunye wabafundi esibikele khona ukuthi indodana yami iminze ngesikhathi bebhukuda edamini e-Driftsand.”

Indodana yakhe kuthiwa ibisebenzisa igwebu ukuze ikwazi ukuntanta. 

“Ube esehluleka ukubambelela wabe eseminza,” kusho uVuyo. 

Umndeni uye edamini wafica izingubo zakhe.

“Amaphoyisa angabatshuzi aqhubekile nokuthungatha ngoLwesibili, kodwa angasithola isidumbu sendodana yami. 

Besicabanga ukuthi bazoqhubeka nokumfuna baze bamthole. Sishaqekile futhi samangala ngesikhathi besitshela ukuthi bayakumisa ukuseshwa.”

Umndeni uphithene amakhanda ngokuthi kungani kumisiwe ukuseshwa ngaphambi kokuthi kutholakale isidumbu sikamufi.

“Bekumele baqhubeke nokusesha. 

Esikhundleni salokho, basitshele kanye nomphakathi ukuthi kudingeka sibuye sizobheka ukuthi isidumbu asiphumile yini ngemva kwezinsuku ezithile. Manje sebencike ekutheni amalungu omphakathi ahlala eduze nedamu azogada.

“Lokhu abakwenzile kuyahlukumeza. Bangochwepheshe futhi bekumele baqhubeke nokwenza umsebenzi wabo,” kusho ubaba othukuthele.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, uFrederick van Wyk uthe emuva kombiko, kuhlelwe imisebenzi ekhethekile yokuthungatha nokuhlenga okuhlanganisa nokusatshalaliswa kwabezikhungo zokutshuza.

Uthe naphezu kwale mizamo ehlanganyelwe, ithimba lokusesha alikwazanga ukuthola isidumbu nokuholele esinqumeni esinzima sokumisa ukuseshwa.

Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa igama lalo lithe u-Anje akuyena umntwana wokuqala ukuminza edamini.

“Iyodwa indlela yokuvimba izingane ukuthi zibhukude kuleli damu wukuthi libiyelwe, noma kumele sibe nama-swimming pool elokishini lethu. Ukube sinawo bebengeke basibone isidingo sokuyobhukuda edamini,” kusho isakhamuzi.

Esithombeni esingenhla: Uthukuthele ugane unwabu umndeni womfana oneminyaka engu-14 ominze edamini ngemuva kokuthi amaphoyisa angabatshuzi emise ukuthungatha isidumbu sakhe singakatholakali.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva