Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kumele uhlanganise u-R1000 umndeni wentombazane eneminyaka engu-14 ubudala edukile okusolakala ukuthi ithunjiwe.
Kodwa abasolwa ngokuthumba le ntombazane abakaze baxhumane nomndeni ka-Alulutho Pupu olahlekile selokhu bafuna imali ngeSonto.
Le ntombazanyana yase-Zinqolweni esigodini sase-Lady Frere, e-Eastern Cape ibiya endaweni yokucwala izinwele ngoMgqibelo mhla ziyishumi kuZibandlela ihambe ngemuva kwehora lesihlanu ntambama, kodwa ayizange izabuya ekhaya.
Umndeni wayo ube usuqala ukukhathazela ngesikhathi ingabuyi ekhaya.
Udadewabo uLuhlenathi Pupu uthe ufonele udadewabo kanti umakhalekhukhwini wakhe ubungena ku-voicemail.
“Ngishayele indawo abeyocwala kuyo izinwele baqinisekisa ukuthi uhambe ngehora lesihlanu ntambama eya erenki yamatekisi.”
Kubukeka sengathi akafikanga erenki ngenxa yokuthi abantu basendaweni yangakubo abazange bambone erenki yamatekisi.
“Asizange silale ngalobo busuku ngethemba lokuthi uzongqongqoza emnyango, kodwa salinda kwaze kwasa wangafika ekhaya.”
NgeSonto ekuseni baphinde bazama ukumthinta. Babejabule ngesikhathi kukhala umakhalekhukhwini wakhe, kodwa lwaphendulwa ngowesilisa owathi mabakhokhe u-R1 000 ukuze u-Alulutho abuye ephephile.
“Besizozama ukuthola imali yokusindisa udadewethu, kodwa umlisa waluvala ucingo ngaphambi kokuthi sibuze imininingwane. Kuyathusa lokhu ngoba abadukayo bavame ukutholakala beshonile. Siyethemba ukuthi sizomthola ephila.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uKaputeni Siphokazi Mawisa uthe kuvulwe icala lokuthumba ukuze liphenywe ngemuva kokuduka kwentombazane eneminyaka engu-14 ubudala kade iye endaweni yokucwala izinwele edolobheni ngoMgqibelo.
“Kusolakala ukuthi ugogo wayo ufonele umakhalekhukhwini wayo waphendulwa ngowesilisa obefuna imali kwathi ngakusasa owesilisa wakhuphula imali.”
Kunxuswa noma ngubani ongacacisa ngokuduka kuka-Alulutho noma onolwazi mayelana nokuthi ukuphi athinte umphenyi wecala uSayitsheni Ronnie Present ku-073 173 7839 noma ashayele, esiteshini samaphoyiaa e-Lady Frere ku-074 878 0008.
Osesithombeni esingenhla ngu-Alulutho Pupu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe