Ukhungathekile umndeni kubulawa indodana (21) yaphucwa amaqolo ezinkukhu

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

USamkelo Mudau (21) ulahlekelwe impilo yakhe ngesikhathi ehlaselwa izigebengu ezimgwaze washona zamphuca amaqolo ezinkukhu  abeyowathenga.

Ngokusho kukaMargaret Mudau, ubabekazi kaSamkelo uthi ubethunywe ukuthi ayothenga amaqolo ezinkukhu eZondi e-Soweto ngoLwesibili kodwa wahlaselwa wagwazwa esendleleni ebuyela ekhaya e-Meadowlands.

Okhulumela amaphoyisa e-Gauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo useqinisekise ukuthi kuvulwe icala lokubulala esitesheni samaphoyisa eJabulani.

UMargaret unxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokwenzeke kuSamkelo ukuba abikele amaphoyisa.

“Sifuna owenze lokhu abhekane nengalo yomthetho,” kusho yena.

Umholi womphakathi uMnuz Simon Mkhwanazi uthe ukhathazekile ngokwanda kobugebengu endaweni, ikakhulukazi izigameko lapho izigebengu zihlasela abantu abaphethe igilosa.

Uthe muva nje isalukazi siphucwe umakhalekhukhwini negilosa sashaywa.

“Lezi zigebengu zenza umathanda ngoba abekho abantu abaningi abaqaphayo endaweni yethu futhi namaphoyisa awangeni kangako ngakho-ke, siyaludinga usizo” usho kanje.

Uphenyo ngokubulawa kukaSamkelo Mudau lusaqhubeka kanti umndeni unethemba lokuthi ngokwesekwa nosizo lomphakathi ubulungiswa buzokwenzeka.

Isithombe esingenhla: USamkelo Mudau 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva