
Elmon Tshikhudo
Sekuphele iminyaka engu-24, ugogo Nyamuofhe Matamela efaka isandla encwadini yomngcwabo yasendaweni. Unikele ngokuncane abenakho ngethemba lokuthi ngelinye ilanga abathandiweyo bakhe bazongcwatshwa ngesizotha njengoba enzile kwabanye.
Umzuzu abewulungiselela ufike kuleli sonto. Indodakazi yakhe uNaledzani Matamela ebese kunesikhathi igula, igcine isishona ngoMsombuluko.
Njengomthetho wendawo, uNyamuofhe uthumele ithimba ukuthi liyobika ngokushona kwendodakazi yakhe kumholi wendabuko wendawo.
Nokho unina oshonelwe akakwazanga ukungcwaba indodakazi yakhe njengoba inkosi yendawo ifuna u-R2 000 ukuze ixhase umngcwabo.
Indodana kaNyamuofhe iphatheke kabi, ithi umama wayo useneminyaka engaphezu kwengu-23 ekhokha imali yomngcwabo eqinisekisa ukuthi imingcwabo yabathandekayo bakhe izoxhaswa ngokugcwele.
“Umama akasebenzi uthembele emxhasweni futhi akekho ongamsiza kule nkinga,” kusho uMashudu Matamela.
“Senze konke ukukhombisa inkosi yethu ukuthi isihawukele njengomndeni kodwa ayifuni ukusilalela.”
UMashudu uthi inkosi isimemezele ukuthi imali yomngcwabo kanina ayisebenzi ngoba uNaledzani washadela kwesinye isigodi, kodwa lokho akulona iqiniso.
“Lokhu kumthwalisa kanzima umama osazilele ukushona kukamfowethu.”
Umfowabo kaMushudu – izibulo likaNyamuofhe – washona ngo-2018.
“Akukho esingakwenza njengoba zonke izihlobo zingcwatshwa lapha. Kuzomele silinde sibone ukuthi kuzokwenzakalani njengoba singenayo indawo yokungcwaba udadewethu esimthandayo,” usho kanje.
USihlalo wendawo uHendrick Midzunga uthe ubuholi buthintekile futhi ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini.
“Akusona isikhathi sokulungisa amaphutha lesi kodwa ngicabanga ukuthi njengomholi oqotho bekumele induna izwelane nomndeni oshonelwe iwusize njengoba ugogo engenayo imali,” usho kanje.
Okhulumela induna uMunyadziwa Makhalemela uthe umufi ubengasesiye umhlali walesi sigodi futhi ubengekho emabhukwini emali yomngcwabo.
“Sinezindlela esenza ngazo lapha futhi igama lakhe sesilifunile ezincwadini zethu zomngcwabo alikho.
“Naye ubeshadele kwenye indawo ngakho umndeni kumele ukhokhe imali engu-R2 000 ngaphambi kokuthi simvumele ukuthi angcwatshwe lapha,” usho kanje.