Ukhungathekile ubaba ofice abantu bethatha izithombe zendodakazi yakhe eshonile

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Ubaba ushaqekile ngesikhathi ethola abantu bethwebula izithombe zendodakazi yakhe eshonile ukuze bazifake ezinkundleni zokuxhumana.

UKoketso Manganyi (18) obefunda esikoleni samabanga aphezulu i-Modilati, e-Stinkwater, e-Hammanskraal, utholakale egwazwe washona eduze kwakubo ngeSonto mhla ziyisishiyagalombili kuMandulo.

Uyise, uMishack Chabalala uthole ucingo lumtshela ukuthi akaphuthume ekhaya. Ngesikhathi efika ubone abantu bethwebula izithombe namavidiyo endodakazi yakhe ilele igcwele igazi.

“Ngiye ngathatha ingubo ngamumboza ngayo. Ubenamanxeba okugwazwa entanyeni, esifubeni nasesiswini,” kusho uChabalala.

Uye wathatha umakhalekhukhwini kaKoketso washayela inombolo yokugcina emshayelile. 

“Kuphendule owesilisa othe uyisoka lakhe. Uma ngimbuza ukuthi ugcine nini ukumbona uthe umshiye esontweni eliseduze ngezithuba zabo-9.30 ebusuku,” kusho uChabalala.

“Igazi lendodakazi yami bese lomile okusho ukuthi ishone ebusuku. Bekukhona ibhodlela likabhiya i-Stella eliphukile, ligcwele igazi eduze kwakhe, okungenzeka ukuthi belisetshenziselwa ukumbulala.

“Ngiphatheke kabi ngoba ubeyingane yami yokuqala, futhi benginethemba elikhulu ngekusasa lakhe.”

U-Arepfani Mufumadi, umholi wenhlangano emelene nodlame olubhekiswe kwabesifazane e-Temba, uthe abantu bakhungathekile ngokuqhubeka kokubulawa kwabantu emphakathini wabo. 

“Sizoqhubeka nokusebenzisana namaphoyisa ukunqanda lolu dlame. Njengomama kuyangithinta lokhu ngoba nakimi kungenzeka,” esho.

UMufumadi uthe basebenzisana nomphakathi ukuthola umbulali.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Mavela Masondo ubengakaphenduli esicelweni se-Scrolla.Africa sokuthi aphawule ngesikhathi sokushicilela.

Esithombeni ngenhla: UKoketso Manganyi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva