UKhumbulani Shange uthi uMgilija wayeyingxenye yamabutho abulala abantu

Celani Sikhakhane

Umphathi ophezulu we-National Youth Development Agency e-Zululand usole umholi ongasekho wamabutho kaZulu ngokubulala abantu eThekwini ngeminyaka yowe-1990.

Embhalweni ofakwe ezinkundleni zokuxhumana, uKhumbulani Shange uphakamise ukuthi uMlandeni “Mgilija” Nhleko wathunywa i-IFP ukuthi ayobamba iqhaza empini yayo ne-ANC.

Umbhalo ubufundeka kanje: “Umlando awunawo amakhasi angenalutho. UMgilija wayeyingxenye yebutho elabulala abantu bakithi kwaXimba, e-Hammarsdale nasezindaweni eziningi. Babehamba namasosha ayebizwa ngoblomu”.

UNhleko ufihlwe ngoMgqibelo eHlalangwenya kwaNongoma.

UShange uthole impendulo eshubile evela kumabutho kanye nakwizinhlangano ze-NGO, kanti i-Scroll.Africa sithole ukuthi uyalelwe ukuthi asule ehhovisi lakhe ngokusabalalisa imininingwane engamanga.

UMnu uPhohloza Zungu, oyilungu lebutho futhi ongumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo iSinothando, unxuse uShange ukuthi asule esikhundleni noma aveze ubufakazi bokuthi uNhleko waba nesandla ekubulaweni kwamalungu omphakathi endaweni yakwaXimba, entshonalanga yeTheku.

“Ngesikhathi sodlame lwe-IFP ne-ANC abantu nhlangothi zombili balahlekelwa yimiphefumulo kanti nabaholi bala maqembu basebenza kanzima ukuletha ukuthula nozinzo esifundazweni,” kusho uZungu.

UMkhandlu Injeje yabeNguni usabise ngokudedela amafayela obuholi be-ANC eKZN obuthinteka ekubulaweni kozakwabo.

Nokho, okhulumela i-ANC eKZN uNhlakanipho Ntombela uyaziseka izinsolo zikaShange. Uthe uNhleko ubengomunye wamaphoyisa angama-200 aqeqeshwa e-Caprivia uhulumeni wobandlululo futhi aqhubeka nokuhlukumeza abantu emalokishini.

Ungoti wodlame nomcwaningi ohlonishwayo eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, uSolwazi uMarry De Hass, uvumelana noNtombela. Utshele i-Scroll.Africa ukuthi udlame lwabamnyama olwadlondlobala ngasekuqaleni kweminyaka yowe-1990 lwagqugquzelwa amaphoyisa nezinduna zempi ze-IFP.

Uthe amaphoyisa aKwaZulu ayengaphansi kombutho wezokuvikela wobandlululo, owabamba iqhaza ekubulaleni abantu emalokishini amaningi aseThekwini nasezindaweni ezifana naseMgababa eningizimu yeTheku.

Ngesikhathi eshayelwa ucingo, uShange utshele i-Scrollla.Africa ukuthi kumele ibuyele kulabo abathukuthele ngombhalo wakhe, wabe eseluvala ucingo.

Izihloko zakamuva