Ukhumbula izikhukhula zalo nyaka ezishiye izibazi empilweni yakhe

Lubhalwe nguLungi Langa

Ngikhumbula ngizama ukuthola ulwazi ngezikhukhula zangoMbasa ekuqaleni kwalo nyaka ngizama ukubhala indaba.

Ngesikhathi ngilokhu ngibheka imininingwane, bengilokhu ngidalula imininingwane yemindeni eshonelwe izihlobo zayo kulezi zikhukhula kanye nemindeni ebidukelene njengoba bekungakaziwa ukuthi ikuphi ngemuva kokumuka nezikhukhula.

Ayikho into engilungiselele ucingo oluye lwangena ocingweni luvela kumamncane wami.

Siye sabikelwa ukuthi umuzi womunye umamncane wami ose-Nazaretha, ngase-Pinetown KwaZulu-Natal uphakathi kwemizi egugulwe izikhukhula ngomhlaka-12 kuMbasa ngesikhathi kunemvula enkulu ngosuku olwandulela lolo.

Ngenxa yalokhu, umamncane wami uDuduzile Majola, umyeni wakhe uBongani kanye nendodana yabo u-Andile (16) babephakathi kwabantu abangaphezu kuka-460 abashona ezikhukhuleni KwaZulu-Natal.

Lokhu bekungeyona into ebesilindele ukuyizwa njengoba besilokhu silandela izindaba ezikhuluma ngezikhukhula.

Umzala wami uNathi obe nenhlanhla yokusinda kulesi sibhicongo uye wasitshela ukuthi yena nomfowabo u-Andile kanye noyise wabo babengaphandle bemba umsele ukuze kudlule amanzi ngemuva kokuthi bebone ukuthi amanzi ayanda.

Ngesikhathi besamba kuqhamuke inqwaba yamanzi yakhukhula uyise.

Yena no-Andile baye bazama ukumsiza kodwa u-Andile uye waguguleka naye.

Izidumbu zabo zatholwa ngakusasa zicwile emfucuzeni.

Umuzi wabo wamuka amakhilomitha ambalwa ukusuka lapho kade ukhona ngesikhathi umamncane  engaphakathi.

Naye uye watholwa ngakusasa equlekile wabe esephuthunyiswa esibhedlela e-RK Khan lapho afike washonela khona.

Ngesikhathi sibangcwaba babengabonakalo ngoba izidumbu zabo zase zonakele ngenxa yokuthi bezigcinwe emakhazeni isikhathi eside ngoba babebaningi abantu ababulawe izikhukhula.

Bengingakaze ngibe sesimweni lapho noma yiliphi ilungu lomndeni wami ebeliyingxenye yendaba ebengiyibhals – kodwa lapha babeyingxenye yento ebuhlungu engingasoze ngayikhohlwa.

Izihloko zakamuva