Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Umphathi weCrime Intelligence uDumisani Khumalo ushiye iKhomishini kaMadlanga ngemuva kokugula sekusele imizuzu embalwa ukuthi ethule ubufakazi.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto wethule imiyalezo ye-WhatsApp okuthiwa ixhumanisa amaphoyisa, osopolitiki nabamabhizinisi nezinkundla zobugebengu obuhleliwe.
ULieutenant General Dumisani Khumalo, oyinhloko yeCrime Intelligence, uphoqeleke ukuthi ayishiye iKhomishini kaMadlanga ngoLwesithathu ngemuva kokugula engakobuthuli ubufakazi.
UKhumalo ufike eBrigitte Mabandla Justice College ePitoli kodwa wahamba ngemuva kwemizuzu embalwa.
IJaji uMbuyiseli Madlanga utshele inkantolo ukuthi ngeke ihlale ngemuva kokuthi uKhumalo ephume ngo-09:03.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe uKhumalo uthola usizo lwezempilo futhi uyalulama ngesikhathi elandela izeluleko zikadokotela wakhe. UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uFannie Masemola, unolwazi olunzulu ngesimo sakhe.
UKhumalo uqale ukwethula ubufakazi ngoMsombuluko. NgoLwesibili wethule imiyalezo ye-WhatsApp athe ikhombisa ukuthi ubugebengu obuhleliwe sebungene shi emaphoyiseni, kwezombusazwe nakwezamabhizinisi.
Uthe lezi zingxoxo beziphuma ocingweni lukasomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala osolwa ngokuzama ukubulala. Le miyalezo ibihlanganisa ukukhuluma ngemali yemicimbi ye-ANC, izincwadi zamaphoyisa eziputshuziwe, ingcindezi ngokucwaningwa kwamathenda nemizamo yokuhlakaza i-Political Killings Task Team.
UKhumalo uphinde wathi inhloko yoKlebe KwaZulu-Natal uMajor General Lesetja Senona waputshuza imininingwane ebucayi kuMatlala, wahlanganisa noKatiso “KT” Molefe noxhaxha lobugebengu. Uphinde wachaza iqembu labezidakamizwa “Big Five” elisebenza ezweni lonke, elinesizinda e-Gauteng.
Uthembise ukuletha ubufakazi obengeziwe, obunye babo ngeke abuveze esidlangalaleni. Uma esebuyela ukuzokwethula ubufakazi uKhumalo kulindeleke ukuthi abhekane neminye imibuzo mayelana nemizila yemali, ukuvikelwa kwamathenda nokubulawa kosopolitiki.
Osesithombeni esongenhla: uLieutenant General Dumisani Khumalo ngesikhathi ethula ubufakazi ekuqaleni kwaleli sonto kwiKhomishini kaMadlanga.
Umthombo wesithombe: Ifayela
