Ukhuleliswe “nguMoya oNgcwele”, owesifazane uthi cha kwezocansi nomyeni

Owesilisa wase-Zambia ufuna isehlukaniso ngemuva kokuthi umprofethi etshele umkakhe ukuthi agweme ukuya naye ocansini. Uthe umkakhe wamtshela ukuthi umithiswe nguMoya oNgcwele!

Iphephandaba i-Daily Mail lase-Zambia libika ukuthi uClaver Simoonga utshele inkantolo ukuthi umkakhe, uMaureen Macha, ubemncisha amalungelo akhe okushada kusukela ngoNtulikazi.

USimoonga uthi unkosikazi wakhe wayefuna ukubonana nomprofethi njalo uma ecela ukuya ocansini.

“Izinkinga emshadweni wethu ziqale kowezi-2018 ngenkathi unkosikazi wami eqala ukuya kumphrofethi owamtshela ukuthi akufanele alale nami ngoba wayekhuleliswe nguMoya oNgcwele. Unkosikazi wami wayeka ukwenza imisebenzi yakhe waqala ukulalela lo mprofethi kunami,” kusho uSimoonga.