Celani Sikhakhane
OwayenguSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza, udinwe ugane unwabu ngezinsolo zokuthi unetulo lokusoconga ozongena esikhundleni sakhe.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi athole ucingo oluvela kumseshi wakwa-SAPS e-Berea obefuna ukumbuza ngezinsolo abazitholile zetulo lokubulala uMnu Musa Kubheka.
“Ngithole ucingo oluvela esiteshini samaphoyisa e-Berea bethi baphenya icala lokubulala engivulelwe lona. Umseshi ungishayele ucingo wathi icala livulwe nguMusa Kubheka.
“Kuwumsangano lokhu ngoba ngishiye konke okuthinta lelo qembu lepolitiki,” kusho uKhoza.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi useze wanqaba ngisho ukuphikisa isinqumo sabo sokumxosha eqenjini kodwa basamlandela.
“Angazi ukuthi bafunani kimina. Bayangisukela futhi angazi ngempela ukuthi kungani kwenzeka zonke lezi zinto ezimbi empilweni yami.”
Uthe nguyena owafaka uKubheka kwezombusazwe futhi akaqondi ukuthi uzozuzani ngokumbulala.
“Bheka, ngangiyisekela lemeya ngineminyaka engu-26. Ngibe yingxenye yezombusazwe cishe impilo yami yonke. Kungani kuthiwa ngilandela umuntu ongaziwa nokwaziwa?
“Ngicabanga ukuthi ngidinga ukwenza usiko ukuzihlanza ukuze ngiqede yonke le [mibuzo] elokhu ingilandela. Lo muntu ukhuliswe yimi kwezombusazwe ngamenza lo muntu anguye kodwa namuhla usenza kanjena kimina.”
Uthe usazohlangana nabaseshi mayelana nalolu daba.
Ngemuva kokuthi iqembu lixoshe uKhoza, uKubheka uqokwe esikhundleni sakhe njengoSihlalo wesifundazwe kanye nekhansela kumasipala weTheku.
UKubheka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uvule icala ngoNhlolanja ngemuva kokuthola izinsongo zokubulawa.
“Ngesikhathi ngisanda kuqokwa njengosihlalo wesifundazwe, ngibe sengithola imiyalezo enezinombolo ezingaziwa ingisabisa ngokuthi unkosikazi wami uzoba umfelokazi kanti indodana yami izoba yintandane ngoba ngithatha izikhundla zabanye abantu, lolu daba ngiludlulisele enhlanganweni yethu, ngatshela namaphoyisa kanye neKhomishana yophenyo yesifundazwe,” kusho uKubheka.
Uthe uthole ucingo oluvela kumseshi kodwa akachazanga ukuthi belumayelana nani.