Celani Sikhakhane
Usihlalo we-ActionSA eKZN osanda kuxoshwa uDkt Makhosi Khoza uthi ayikho into eyophinde imhlanganise nezombusazwe.
Uthe lokhu okwenziwa yi-ActionSA kuyena kukhombisa ukuthi isikhala sabesifazane kwezombusazwe sinobuthi.
UKhoza uxoshwe ngesonto eledlule ngemuva kokusolwa ngokwakha itulo nomholi wase-Soweto ukuxosha amalungu aleli qembu ukuze kukhishwe uMnu Herman Mashaba njengoMengameli.
“Ngithathe isinqumo sokuthi angeke ngisiphikise isinqumo sabo sokuhoxiswa kobulungu bami. Ngiyakholwa wukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngishiye ipolitiki ngivumele abanye ukuthi babe ngamaqhawe,” kusho uKhoza.
Ngesonto eledlule uhlasele uMashaba ku-Facebook. Ekhuluma nge-Black Like Me, okuyinkampani kaMashaba yezimonyo, uthe akazimisele ukulwa nomuntu owayegcoba izinwele zabesifazane ngesikhathi yena eboshelwe ukulwa nobandlululo.
Khonamanjalo, uMashaba uthe amacala afana nelikaDkt Khoza akhombise iqembu ukuthi kumele lihlole kabanzi amalungu alo ngaphambi kokuthi athathe izikhundla.
UDkt Khoza uthe ubhekene nesikhathi sokuzindla ngakho akufunayo nje wukuthi abuyele emabhizinisini akhe.
“Ngavumela ukusetshenziswa yi-ActionSA ukuze ithole amavoti eKZN futhi bakwenza ngempumelelo lokho. Okunye ipolitiki yethu engikhombise khona ukuthi iyindawo eyingozi futhi enobuthi kubantu besifazane,” usho kanje.
Ukhulume ngowayenguNdunankulu wase-Northern Cape uHazel Jenkins, owayeyi-IFP Women’s Brigade nobeyikhansela le-ANC uThembi Nzuza, umholi we-NFP uZanele kaMagwaza Msibi.
“Bonke laba besifazane abanamandla baphathwa isifo sohlangothi ngenxa yesimo sezepolitiki,” kusho uKhoza.
Uphinde wachitha imibono yalabo abangene ezinkundleni zokuxhumana bethi akaye eNkandla kowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ayoxolisa.
Uthe akazisoli ngokumelana noZuma, ngakho-ke angeke agaqe aye emzini wakhe eNkandla ayoxolisa ngoba ebhekene nenkinga kwezombusazwe.
