Kabelo Tlhabanelo
U-Oregolele Mochudi, oneminyaka engama-32, ubefuna ukuqeda amaphela endlini yakhe. Kodwa kunalokho, yena nezingane zakhe ezintathu kwezine bashone ngeSonto ngokuhogela intuthu yomuthi.
Umfowabo ka-Oregolele, uModise Mochudi utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi umshana wakhe ubehlala endlini yakhe yomxhaso e-Thaba Nchu, e-Free State nezingane zakhe ezine, uGontse, oneminyaka eyi-13, u-Andile onezinyanga ezingama-22, Anathi, oneminyaka eyisikhombisa, no-Omphile, oneminyaka eyi-11.
“Uthenge ikhoyili ayishisile ukubulala amaphela. Yena nezingane baphume endlini ngenkathi ukhoyili usha futhi bayinika isikhathi sokusha. Babuyela ngaphakathi ngesikhathi ekholwa wukuthi yonke intuthu isiphumile,” esho.
Umndeni uqale ukugula wase uphuthunyiswa esibhedlela lapho u-Oregolele nezingane zakhe ezincane ezinthathu abashonele khona.
UGontse oneminyaka eyi-13 kuphela osindile kanti uthola ukwelashwa esibhedlela.
“Namanje angikholwa ukuthi sengilahlekelwe umndeni wami. Kumele sazi ukuthi ukhoyili wawuthenga kubani. Nginxusa umphakathi ukuthi ungazithengi noma yiziphi lezo zinto.”
Ubaba wezingane uSipho Jack uthe banenkinga ngamaphela futhi u-Oregolele wamtshela ngomuthi.
“Ungitshele ukuthi kunomuntu ongasiza ngokumnika umuthi wokubulala amaphela,” esho.
“Bengisemsebenzini e-Bloemfontein ngesikhathi esebenzisa lo muthi. Ngikhungathekile. ”
USipho uthe kumphatha kabi ukuthi le ndlu ivaliwe kusukela ngeSonto.
“Ngidinga indlu yomngcwabo. Asikwazi ukuhlangana nabantu abaletha amazwi enduduzo emgwaqweni,” kusho uSipho.
USipho uthe akekho endaweni owake wezwa ngalo muthi noma owayazi umuntu owudayisayo. Uthe umuntu odayise lo muntu uxwayise u-Oregolele ukuthi angahlali endlini ngenkathi kusha ukhoyili.
Ikhansela lesigceme uLeburu Khunou uthe usekhulumile noMnyango wezeMvelo ngokuhlanzwa kwale ndlu.
“Le nqubo ithatha isikhathi. Ngikhulumile nomndeni. Umngcwabo ngeke ube kule mpelasonto,” kusho uKhunou.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa ayaphenya ngalolu daba.