UKhomishana omusha wamaphoyisa

Everson Luhanga

“Bantu baseNingizimu Afrika, ngifisa ukwethula uJenene uSehlahle Fannie Masemola njengoKhomishana  Wamaphoyisa Kazwelonke omusha.”

Yile ndlela uMengameli uCyril Ramaphosa amemezele ngayo uKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke omusha ngoLwesine.

URamaphosa uthe uJenene uMasemola uke waba yiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa onomlando omuhle kakhulu wokuphumelela emsebenzini wamaphoyisa eNingizimu Afrika yonkana.

Uthe kuJenene uMasemola “isisindo sezinto ezilindelwe yisizwe sisemahlombe akho.”

UMengameli ucele wonke umuntu ukuthi asekele uKhomishana Kazwelonke omusha. “Singakwazi ukuqeda ubugebengu kuphela uma sibambisene,” esho.

Ithimba labaqokayo beliholwa nguSolwazi uSydney Mufamadi.

URamaphosa uthe uzokwenza ukuthi kutholakale izinsiza zokuqasha kanye nokuqeqesha amaphoyisa amasha angu-12 000 ukuze aqinisekise ukuthi uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika uthola amandla owadingayo ngokushesha.

UMengameli wengeze ngokuthi uzobheka ukusungulwa kabusha kwezithangami zamaphoyisa omphakathi (iCPFs) ukuze kuthuthukiswe ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nezakhamizi zendawo.

Izihloko zakamuva