Ukhombise ukuzimisela onqobe isicoco se-UFC

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

UDricus du Plessis uye empini yesicoco ebhekene noSean Strickland ngeSonto ekuseni ezimisele futhi enesizathu esihle.

Amathuba abemaningi kuDu Plessis.

Useshaye isibhakela ku-Ultimate Fighting Championship (UFC) amahlandla ayisithupha ngaphambi kwalempi futhi zonke izimpi zakhe adlule kuzo akakaze adlulele emzuliswaneni wesithathu.

Osolwazi nongoti abaningi bebebona ukuthi lomshayimanqindi waseMzansi unalo ithuba uma umdlalo ungathathi isikhathi eside.

Kulapho uDu Plessis ekhombise khona ukuthi unenhliziyo yebhubesi ngoba ungene eringini wakhombisa ukungahlehli.

Kuke kwaba nomzuzu lapho uDu Plessis ekhombise khona ukuthi noma ngabe umphumela uthini ubezoziqhenya ngalokho akuzuzile.

Emzuliswaneni wesine nowesihlanu, lapho abaningi bebelindele khona ukuthi kunqobe umpetha uStrickland, uDu Plessis uqhamuke wahlanyisa izihlwele ezishaya isifuba.

Kujwayele ukushiwo ku-UFC ukuthi uma ufuna ukunqoba ibhande kumpetha, kumele ugadle ngempela futhi yilokho okwenziwe uDu Plessis.

Lo mshayimanqindi oneminyaka engu-30 ume phakathi nekheji ye-octagon wafaka ingcindezi kuStrickland imizuliswano emihlanu ngaphandle kokukhombisa ukukhathala nokuhlehla.

UDu Plessis ukhombise ikhono lakhe lesibhakela, ikhono lokukhahlela namandla okulwa.

UStrickland yena ubenekhono lakhe lesibhakela.

UDu Plessis unqobe ibhande ngesinqumo esinzima, kodwa ukuwina kwakhe kusho lukhulu kunokuba umpetha omusha we-middleweight.

Ngokuqopha umlando uDu Plessis ugqugquzele intsha yaseNingizimu Afrika ukuthi ilandele ezinyathelweni zakhe.

UDu Plessis angaba ngumpetha wokuqala waseNingizimu Afrika kodwa ukuzikhandla kwakhe kunethuba lokwakha abanye ompetha abaningi bakuleli.

Bazoba baningi abafana namantombazane abancane abacela abazali babo ukuthi babayise ezindaweni ze-Mixed Martial Arts (MMA) futhi bazoba baningi ngesikhathini esizayo.

UDu Plessis ugqugquzele intsha eningi efuna ukumela izwe labo.

Nokho kukhona okuvelile okuthinta umpetha omusha njengoba ukuwa usuka phezulu kuhlale kuyibanga elide.

Kuphinde kwavela ividiyo yango-2020 kaDu Plessis ephakamisa ukuthi ukubulawa kwabantu emapulazini kuphathelene nobuhlanga eNingizimu Afrika futhi kwenzeka nsuku zonke.

Abaningi ku-Twitter bashintshe umbono wabo ngoDu Plessis futhi bamfisela ikusasa elingenampumelelo.

Isithombe esingenhla: UDricus du Plessis.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva