UMfundo Vilakazi (18) waseSnake Park, eSoweto ungomunye wentsha okukhulunywa ngayo kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika kulezi nsuku zonke.
Kodwa phezu kwezinto zonke ezilindeleke kuye, okukhulu kuVilakazi uzimisela. Ukhumbula kahle ukuphela kungazelele muntu kokuthuthuka kwakhe nabadlali abancane beBidvest Wits ngenxa yobhubhane lweCovid-19 nokudayiswa kweqembu ngo-2020.
Ukuphazamiseka kwephupho lakhe kwamthinta kakhulu, kodwa ngokukhuthazwa nguyise wabuyela enkundleni esekelwa nangamanye amalungu omndeni wakhe.
Uhambo lukaVilakazi lokubuyela kulo mdlalo lwabonakala edlala ezinkundleni eziwubhuqu ngaphambi kokugqama kwakhe kuKaizer Chiefs njengomdlali weWits wadonsa amehlo abantu wathola ukunakwa iKaizer, kubika iNews24.
Ubuyele ebholeni eliphansi neDoornkop Students wenza kahle kumaPhilly’s Games ngo-2021, abaningi baqala ukuqaphela ikhono lakhe.
Ikhono lakhe liholele ekutheni abizwe iChiefs, kwathi ngemuva kwesikhashana eseqenjini layo lika-Under 17, uVilakazi wakhushulelwa esikwatini seDStv Diski Challenge.
NgoMasingana ngo-2023, uVilakazi udlale okokuqala eqenjini leKaizer Chiefs, kwafezeka iphupho lakhe.
Udumo lwakhe lwenyuka kakhulu nokuholele ekutheni athole inkontileka yoxhaso lwePuma.
Yize esethole udumo, kodwa uVilakazi usagxile ekuzithuthukiseni futhi uyakuqonda ukubaluleka kokubekezela nokusebenza kanzima ukuze azuze ebholeni.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: UMfundo Vilakazi.
Umthombo wesithombe: X