Ukhiye uphethwe ikhansela elizimele ngozohola owaseNkosi Langalibalele

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC ne-IFP babeke amathemba abo ekhanseleni elizimele ukuze bakwazi ukuhola uMasipala inkosi Langalibalele eKZN.

Lokhu kulandela impumelelo ye-ANC ekunqobeni iwadi ye-IFP ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela obelungoLwesithathu koMasipala abathathu esifundazweni.

I-IFP ne-ANC banezihlalo ezilinganayo ezingu 23, kulo masipala, womabili la maqembu asethembele ukwesekweni ikhansela elizimele ukuze akwazi ukulawula lo masipala.

I-ANC ihlose ukwakha umfelandawonye nabalingani bayo, i-EFF ne-NFP kanti i-IFP inethemba lokuthi ikhansela elizimele lizohambisana neqembu labo.

Imiphumela yokhetho lokuchibiyela idale ukuthi i-DA iphumelele ku-wadi-11 kuMasipala weTheku, i-IFP yona ithole u-wadi-29 kuMasipala wase-Alfred Duma, yaphinde yathola u-wadi-21 no-5 ngaphansi kwaseNkosi Langalibalele.

I-ANC ithole u-wadi-14 kumasipala iNkosi Langalibalele.

UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uzwakalise ukugculiseka ngemiphumela yabo okhethweni wathi lokhu kuqeda amandla e-ANC KwaZulu-Natal.

UHlabisa uthe i-IFP ihlose ukwehlisa amandla e-ANC esifundazweni ngokhetho luka-2024.

Umholi we-DA e-KZN, uMnu Francois Rodgers ubungaze ukunqoba kweqembu lakhe ku-wadi-11 wathi kusho uhambo oluhle olubheke okhethweni luka-2024. URodgers ukugcizelele ukuthi imiphakathi yase-KZN ibheka iDA njengesibani sethemba.

Esithombeni esingenhla: Ikhansela le-DA u-Allan Peterson libungaza nomholi we-DA uFrancois Rodgers ngemuva kokunqoba okumangalisayo okhethweni lokuchibiyela ku-wadi-11 eThekwini.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva