Dylan Bettencourt
Ngonyaka ka-2019 cishe abantu abangu-40 babehleli bezungeze itafula lethu likaKhisimusi, bengenandaba nokuthi izinyanga ezimbalwa ezizayo zisiphatheleni emhlabeni, bengazi ukuthi indlela yokuphila ngeke iphinde ifane.
Ngemuva kweminyaka emibili, isidlo sethu sasebusuku ngaphambi kosuku lukaKhisimusi kanye nesidlo sasemini sosuku lukaKhisimusi asisafani. Manje sekunabantu abangu-10 abakhona njengoba ubudlelwano phakathi kwabangani bami nomndeni buphazamisekile kakhulu.
UKhisimusi wamanje usumayelana nokuba nokudla okuningi kodwa kungekho abantu abazoqeda lokho kudla.
Sonke siyacula, sidanse siphinde sixoxe ngonyaka osudlulile nabantu esibathandayo. Kodwa i-Covid-19 iguqule konke lokhu njengoba usukwazi ukudla nabantu ohlala nabo kuphela.
Umthelela womvalelandlini, imikhawulo yokuhamba, isikhathi sokubuya ekhaya kanye nemithetho yokuvakasha ngabona yenza abangani namalungu omndeni bencipha empilweni yami njengoba abantu sebencamela ukuhlala bodwa kunokuxhumana nabanye abantu ngenxa ye-Covid.
Amazinga okubekezelelana asehamba ngelinye igiya njengoba ukuhlela imikhosi kaKhisimusi sekushintshe kakhulu. Isikhathi esimnandi sokuhlanganyela nomndeni kanye nabangani sesishintshe kakhulu njengoba ezindaweni sekudingeka isibalo sabantu abancane.
Ukuba nabantu abangu-40 endlini eyodwa sekubonakala njengento engenangqondo, kodwa ukuzungezwa yiwo wonke umuntu kwakunikeza umuzwa wamandla nenjabulo engenakuqhathaniswa. Ukudla kamnandi ngaphandle kokukhathazeka into esasihlezi siyilangazelela unyaka wonke.
Manje sekujwayekile ukuthi abantu ojwayele ukuchitha nabo uKhisimusi baye emaholidini ezindaweni ezithile zomhlaba, ngokuhamba kwabo kusale kuncipha izindleko noma umthwalo kuwe.
Uma uzalelwe e-Europe kusho ukuthi uqhamuka emndenini omningi futhi ukuchitha isikhathi nomndeni kuyisibusiso, kodwa i-Covid-19 ibonakalise amalungu omndeni efuna izizathu zokuphuthelwa yimibuthano kaKhisimusi.
Ubhubhane seluveze izici eziningi zempilo yethu kodwa uma uKhisimusi ufika abantu ababenogqozi lokuhlangana nabantu babungaze uKhisimusi sebencamela ukubungaza lapho bekhona nabantu abasondelene nabo ngenxa ye-Covid.
Engikufunayo ngoKhisimusi ukuthi kubuye lowaKhisimusi esasiwujwayele.