Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abathola imali yesibonelelo sikahulumeni bathole isipho sikaKhisimusi ngaphambi kwesikhathi njengoba ukunyuswa kwesibonelelo sikahulumeni kweminyaka yonke kungena kuma-akhawunti abo asebhange kule nyanga.
ISouth African Social Security Agency (Sassa) imemezele ukuthi zonke izibonelelo zikahulumeni zinyuke kuMfumfu.
Okhulumela abakwaSassa, uMnuz Paseka Letsatsi, uthe abahola impesheni abaneminyaka engaphezu kuka-75 bazonyuselwa kabili kunokwejwayelekile.
“Imali yesibonelelo sikahulumeni yabadala yabangaphansi kweminyaka engu-75 inyukile isuka ku-R2 180 yafinyelela ku-R2 190. Kodwa isibonelelo sabadala abaneminyaka engaphezu kuka-75 sinyusiwe sisuka ku-R2 190 safinyelela ku-R2 210,” kusho uLetsatsi.
Lokhu ukunyuswa kwesibili kulo nyaka, ngemuva kokunyuka ngoMbasa.
ULetsatsi uthe abantu abadala bangakhathazeki uma bengayikhilphile imali yabo ngokushesha.
“Kuphephe kakhudlwana ukugcina izimali zakho ku-akhawunti yakho yasebhange, usebenzisa ikhadi lakho futhi ukhiphe imali encane kuphela ngesikhathi. Izimali zizohlala kuma-akhawunti ekhasimende futhi ngeke zilahleke uma zingakhishwa ngokushesha,” kusho yena.
Abantu abaningi bajaha ukukhipha yonke imali yabo, becabanga ukuthi uHulumeni uzoyibuyisela emuva uma bengayikhiphi.
Ezinye izibonelelo zikaHulumeni kusukela kuMfumfu:
Isibonelelo sikaHulumeni salaba abayizishoshovu: Yenyuka isuka ku-R2,200 iya ku-R2,210
Isibonelelo sabakhubazekile: Sisuke ku-R2,180 kuya ku-R2,190
Isibonelelo sikaHulumeni sokunakekela: Sikhuphuke sisuka ku-R2,180 siya ku-R2,190.
Esithombeni esingenhla: Abamukeli bemali yesibonelelo sikaHulumeni bathola uKhisimusi ngaphambi kwesikhathi ngokwenyuswa okusha kule nyanga.
Umthombo: X