Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
U-Asanda Yeko akakwazanga ukujabulela isikhathi samaholide engazi noma ingane yakhe yomfana enezinyanga ezinhlanu u-Ivakele isaphila yini.
Usana u-Ivakele Yeko wathunjwa ekuqaleni kukaZibandlela ngemuva kokuthi owesifazane obemgada emshiye nowesifazane ongaziwa wayothenga ukudla. Namanje akakatholakali.
Lona wesifazane obemgada wangena esitolo e-Somerset West, eKapa ngesikhathi umuntu angamazi ethi uzogada u-Ivakele nendodakazi yakhe (6) ngesikhathi yena engena esitolo.
Ngesikhathi ephuma esitolo ingane nendodakazi yakhe bebengabonwa ndawo.
Lona wesifazane ongasasebenzeli umama wengane edukile uchaze wathi lo muntu angamazi wacela ukugada izingane ngesikhathi eyothenga wase amukela usizo lwakhe.
Indodakazi yalona wesifazane obegada u-Ivakele iye yashiywa emzini wakhe, ngokusho kukaYeko.
Kodwa ingane ayikakatholakali. “Ngibe noKhisimusi omubi kakhulu empilweni yami, angazi noma indodana yami isaphila yini. Ukuzibuza ukuthi ngabe iyanikwa yini ukudla indodana yami kungenza ngiqwashe. Angazi impilo yami ingaqhubekela kanjani phambili ngingakayitholi indodana yami,” etshela i-Scrolla.Africa.
Umama okhungathekile uncenga umthumbi ukuthi abuyise ingane yakhe.
“Ngifuna ingane yami ibuye. Uma ngizwa isililo sengane ngigijima ngiphumele ngaphandle ngethemba lokuthi indodana yami. Angazi ngenzenjani ukuze nginciphise ubuhlungu engibuzwayo manje. Ngiyazincengela kumuntu othathe indodana yami ukuthi ayibuyise,” esho.
“Ubuhlungu engiphila nabo buzongibulala. Ngiyesaba nokuthi ngesikhathi bembuyisa ngizobe ngingasekho ngenxa yokucabanga kakhulu.”
Abakwa-SAPS banikeze i-Scrolla.Africa imvume yokushicilela isithombe sika-Ivakele ukusiza ophenyweni lwabo.
Esithombeni esingenhla: Usana u-Ivakele Yeko
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe