Thabiso Sekhula
Njengoba ngakhulela emakhaya endaweni yase-Limpopo, mina nezingane zasekhaya sasazi kahle ukuthi uma sekusondele izinsuku zikaKhisimusi sizothengelwa izingubo ezintsha. Sasazi nokuthi kuzodingeka sizitshengise umama uma sesibuyile edolobheni, ngoba sasihlezi sijabulile uma sesishintshashintsha izingubo zethu ezintsha.
Besazi futhi ukuthi sisazowadla amasaladi kaKhisimusi ngomhlaka-31.
Usuku lukaKhisimusi besazi ukuthi luzoqala ngo-5:30 ekuseni lapho kufanele sibuke ilanga seliqala liphakama – lokhu kwakusho ukuthi kwakumele sihlanze indlu bese sipheka kusesekuseni. Umama wami wayevele abeke umshanelo welala phezu kwesisu sami ngoba bengaziwa ngokuthanda ukudla kakhulu ngosuku lukaKhisimusi.
Kulezi zinsuku, njengoba sengikhulile ngiwumuntu omdala kuyijoka lami ukuthi ngenze usuku lukaKhisimusi lube impumelelo, noma kungekho umuntu oshanela isisu sami manje, ngisakhetha ukudla kakhulu ngosuku lukaKhisimusi.
Sashonelwa ngumama ngoMandulo ngonyaka ka-2017, kanti sesidle oKhisimusi abambalwa ngaphandle kwakhe futhi okokuqala ngqa eminyakeni eminingi singakwazi ukuyobungaza uKhisimusi ekhaya.
Mina nezingane zasekhaya asikwazanga ukubhekana nekhaya “elingenalutho” ngakho-ke sachitha iminyaka singayi ekhaya. Phakathi kwethu njengoba sibane, sinezingane eziyisishiyagalolunye esezajwayela izinto ezenziwa ngoKhisimusi futhi abazenza behlangene nogogo wabo.
Ngabuyela ekhaya e-Limpopo ngesikhathi ngikhulelwe indodakazi yami engayiteta ngoMandulo ngonyaka ka-2019, ezinsukwini ezimbili ngemuva kosuku umama wami ashona ngalo.
Inyanga kaMandulo ngiyibona njengenyanga engalahlekelwa ngayo umama noma inyanga eyanginika isipho sami esiyigugu kakhulu, indodakazi yami.
Kwakufanele ngimubelethe ngoNcwaba kodwa wafika ngemuva kwezinsuku ezingu-11 isiqalile inyanga kaMandulo – kumina kwakuwuphawu lokuthi izinto zizolunga. Ukubuyela emuva kwanginika umuzwa omusha ngekhaya lami. Kwakuyikhaya lapho sonke sasisebenza sihlala ekhaya.
Indodana yami yayenza izifundo zayo ze-inthanethi ekhaya, ifunda futhi ihlela yonke into yayo ngokuzimela phambi kwethu sonke njengezingane zandawonye sibukele futhi singumndeni ohlangene owodwa. Ukuzwana kwethu sekuphinde kwavuseleleka kanye nekhaya lethu.
Kusukela lapho, sikwenza usiko ukuchitha wonke uKhisimusi ndawonye nezingane. Noma singahlala kude kangakanani sibuyela emzini kamama ngamaholidi.
Uma besegcekeni kuzwakala sengathi kugijima izingane eziyikhulu ngendlela abanomsindo ngayo, kuyasijabulisa ukwazi ukuthi zikhula nomndeni kulo muzi omncane wase-Limpopo lapho sihlonipha khona, hhayi kuphela abantu esilahlekelwe yibo, kodwa nalabo esisele nabo.
Into engiyithanda kakhulu ukuthi senza izinto ezintsha ikakhulu njengoba sihlezi sindawonye njengomndeni ngoKhisimusi.
Lokhu kuyisipho esikhulu kunazo zonke. Indlu kamama isigcwele uthando futhi.