Lubhalwe nguRazeen Gutta
Isale idangele i-Manchester United emasontweni amabili emidlalweni emibili ebilandelana njengoba yehlulekile ukushaya amagoli futhi.
Ukunqoba kwe-Arsenal ne-Newcastle United kuphinde kwafakazela ukuthi usuku lwangeSonto belungeluhle kwi-Manchester United.
Ikhadi elibomvu ngesiwombe sokuqala elitholwe uCasemiro enkundleni yase-Old Trafford kwenze izinto zaba nzima kubadlali abaqeqeshwa u-Erik Ten Hag.
UCasemiro obebalulekile ekutheni i-United ivuke kabusha kule sizini, uzophuthelwa imidlalo yakhe emine elandelayo njengoba ekhishwe okwesibili kule sizini.
I-Southampton ibihamba phambili kanti ibidlalisa kabi abasingathi bomdlalo kuyo yonke imizamo yabo futhi bebehamba phambili kohlangothi lokugcina olubekwe kwi-log.
I-United ayikwazanga ukushaya amagoli okucasule abalandeli bayo.
Enkundleni i-Craven Cottage iqembu le-Fulham belisengethe umdlalo nabaholi beligi i-Arsenal.
Ama-Gunners abengabambeki njengoba uLeandro Trossard ebe ngumdlali wokuqala ukuqopha irekhodi kubasizi abathathu ngesiwombe sokuqala ngesikhathi se-Premier League.
UGabriel Magalhães uthole igoli lokuqala kwalandela uGabriel Martinelli nokaputeni uMartin Odegaard abathole elesibili nelesithathu ngaphambi kwempempe yokugcina.
E-London, i-West Ham ikwazile ukudlala ngokulingana (1-1) ne-Aston Villa ukuze ikwazi ukubakhipha njengoba e-Tyneside, i-Newcastle United yehlule ama-Wolves ngamagoli amabili kwelilodwa okugcine amathemba abo ase-Europe ephila.
Eminye imidlalo emibili ilindelwe ngoLwesithathu ebusuku ngaphambi kokuthi isonto lemidlalo liphele, i-Brighton izosingatha i-Crystal Palace ne-Southampton yamukele i-Brentford.
Isithombe esingenhla: UCasemiro uzophuthelwa imidlalo emine elandelayo
Umthombo wesithombe: @unitedpeoplestv