Ukhishwe eqenjini umdlali ozila ukudla ngesikhathi se-Ramadan  

Iqembu elidlala kwi-Ligue 1 licasule umphakathi wamaSulumane wase-France ngemuva kokuthi omunye wabadlali balo wasemuva wase-Algeria uJaouen Hadjam akhishwe eqenjini ngenxa yokwenqaba ukuyeka ukuzila ukudla.

Umphathi we-Nantes u-Antoine Kombouare udalule ukuthi ukhiphe uHadjam eqenjini ngeSonto ngemuva kokuthi lo mdlali anqabe ukuyeka ukuzila ukudla.

“KuJaouen? Akukho mpikiswano. Labo abazila ukudla ngiyabeseka. Ngezinsuku zemidlalo akufanele uzile ukudla,” kusho uKombouare kwabezindaba ngemuva kokuhlulwa kwabo ngo 3-0 ekhaya.

“Akusona isijeziso. Ngibeka imithetho. Kuyisinqumo sakhe futhi ngiyasihlonipha.”

Kubikwa ukuthi lo mdlali wasemuva (20) uvumile ukuthi uzoyeka ukuzila ukudla uma bedlala ekuhambeni kodwa hhayi uma bedlala ekhaya.

Isikhathi se-Ramadan siqale ngomhlaka-23 kuNdasa kanti ngalesi sikhathi bonke abangamaSulumane badela konke ukudla neziphuzo uma kuphuma ilanga lize liyoshona, kanti lokhu kuzila ukudla kuzophela ngomhlaka-20 kuMbasa.

I-Nantes isendaweni ka-14 kwi-Ligue 1 ngamaphuzu angu-30.

Ngemuva kokuhlulwa ngo 3-0 bedlala ne-Reims ekhaya, i-Nantes izogxila emdlalweni owandulela owamanqamu we-French Cup lapho bezobhekana khona ne-Lyon ngoLwesithathu.

UHadjam owazalelwa e-France unqume ukumela i-Algeria futhi udlale kahle ngesikhathi iwina ngo 1-0 ibhekene ne-Niger ngenyanga edlule.

Khonamanjalo, kuleli sonto i-Premier League imemezele ukuthi abadlali abazila ukudla bazonikezwa ikhefu ngesikhathi semidlalo yebhola.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UJaouen Hadjam

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva