Ukhishiwe umdlali wesifazane, onamandla amadoda

Menzi Magubane

Ziyanda kakhulu izindaba zokuthi umgadli wase-Zambia uBarbra Banda ngeke amele izwe lakhe kwi-Women’s African Cup of Nations (Afcon).

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uphoqeleke ukuthi ahoxe eqenjini lase-Zambia ngemuva kokuhlolwa kwegazi lakhe kwatholakala izinga eliphezulu kakhulu le-testosterone. 

Lokhu kushiwo kwi-sports outlet nguMundo Deportivo wase-Spain naye obike ukuthi ulaxazwe ngokuba nomzimba ofana nowomuntu wesilisa.

UBanda kanye nayo yonke i-Zambia basesimweni esihle sokuzizwa besebenza kanzima kwi-Confederation of African Football (CAF).

Kuma-olimpiki uBanda uqophe umlando ngokuba ngumdlali wokuqala wesifazane ukushaya amagoli amathathu kulandelana washaya amagoli ayisithupha ngaphambi kokuthi bakhishwe kweyamaqoqo.

I-Zambia ithembele kuBanda ukuthi ifinyelele emaqenjini amane ukuze ikwazi ukungena kwi-2023 Fifa Women’s World Cup.

Okumangaze abaningi ukuthi uMengameli we-CAF uPatrice Motsepe ubebukeka engazi lutho ngesimo sikaBanda.

Ebuzwa ukuthi kungani owesifazane owayevunyelwe ukungenela imidlalo ye-Fifa wavunyelwa i-International Olympic Committee (i-IOC) ukuthi ayodlala e-Tokyo kungazelele muntu,impendulo kaMotsepe ivele yamangaza ngoba ubengazi ukuthi isihlabani sezwe sikhishiwe kulo mqhudelwano.

“Bazongeluleka ngalokho ngoba mina ngizilale ngehora lesine ekuseni futhi kusamele ukuthi ngivuke ekuseni kakhulu ukuze ngibhekane nezinye izindaba ezahlukene,” etshela intatheli.

Isimo sikaBanda sifana nesikaCaster Semenya wakuleli okumanje akakwazi ukugijima amabanga amaningi ngenxa yemithetho ye-World Athletics yabasubathi abahlukene ngokwemizimba.

Lo wesifazane oneminyaka engu-31 ubudala uke wabhekana nale mithetho selokhu afika  kwezemidlalo eneminyaka engu-18 kuma-World Championships ngo-2009.

Kusazobonakala ukuthi kuzokwenzekani ngomsebenzi kaBanda othembisayo kuze kube manje. Ngabe sekuphelile ngaye noma naye kuzomele aphuze imishanguzo yokwehlisa i-testosterone ukuze angenele umqhudelwano njengoba uSemenya aphoqeleka ukuthi enze njalo ngo-2011?

Enye into ngaye unamandla okuba ngomunye wabadlali abahamba phambili kuleli futhi akuyona into engathathwa kalula.

Umthombo wesithombe: @TheseFootballTimes

Izihloko zakamuva