Ukhihle isililo owine owe-World Athletics

Dylan Bettencourt

UGotytom Gebreslase wase-Ethiopia ukhihle isililo ngemuva kokunqoba kwakhe  emqhudelwaneni womjaho we-World Athletics Championship.

“Ngifisa kube nokuthula ezweni lonke lase-Ethiopia,” etshela i-BBC ku-Sport Africa.

“Ukuwina kuyinto ehlaba umxhwele kakhulu futhi emangazayo. Abesifazane bonke bangaba abanqobi uma bezikhandla bona kanye namazwe abo.”

Uthe unethemba lokuthi ukunqoba kwakhe kuzoletha ukuthula e-Ethiopia ekhungethwe izingxabano.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uqophe irekhodi elisha kulo mqhudelwano womhlaba ngesikhathi eqa umugqa ngamahora amabili imizuzu engu-18 nemizuzwana engu-11 ngaphambi kukaJudith Korir wase-Kenya.

Isifunda esisenyakatho ne-Tigray e-Ethiopia besilokhu silwa nohulumeni kusukela ngoLwezi ngonyaka ka-2020 kanti sekushone abantu abaningi ngenxa yalempi.

UGebreslase ukhulisiwe ngokumelana nobunzima njengoba ekwazile ukuwina indondo yegolide kanti uKorir kanye noLonah Salpeter osendaweni yesithathu bobabili bazamile ukugijima ngokuzimisela.

“Bengihlele ukuqeda ngamakhilomitha angu-40 okuyinto engiyenzile ngase ngiwina indodo yegolide,” kusho uGebreslase.

“Ukusebenza kanzima ikhona okubalulekile. Ngiyazi ukuthi abagijimi base-Kenya baqeqeshelwa ukuthi bahlezi bewina, kodwa ngisebenzise ijubane eliphezulu ngomzuzu wokugcina nganqoba indodo.”

Abanye abantu base-Afrika abathole izindondo zegolide ngoMsombuluko kubalwa uFaith Kipyegon wase-Kenya odle umhlanganiso ku-1,500m ngaphambi kukaGudaf Tsegay wase-Ethiopia.

Umgijimi webanga elide wase-Moroccan uSoufianne El Bakkali uphumelele emjahweni ongu-3,000m wabesilisa kanti abanye abahlanu  abahambe phambili baqhamuka e-Afrika.

I-Kenya igxumele endaweni yesithathu esicongweni sezindondo kulandela lesi senzo.

Izindodo ze-World Athletics Championship zimi kanje:

1. IMelika ithole izindodo eziyisithupha zegolide, ezine zesiliva kanye nezindondo eziyisithupha zethusi.

2. I-Ethiopia  ithole izindodo ezintathu zegolide, ezintathu zesiliva abazange bathole izindodo zethuse. 

3. I-Kenya ithole indodo eyodwa yegolide, ezintathu zesiliva nezimbili zethusi.

Umthombo wesithombe: @WorldAthletics

Izihloko zakamuva