Everson Luhanga
Ukhetho lohulumeni basekhaya angeke lusaba mhla zingama-27 kuMfumfu njengoba bekuhleliwe ngenxa yesifo sokhuvuthe.
I-Independent Electoral Commission (IEC) ngoLwesihlanu yamukele izeluleko zalowo owayeyiphini lejaji eliphakeme uDikgang Moseneke obebheka ukuthi ukhetho lungaqhubeka yini.
“Ikhomishini yamukela umqondo wombiko wokuthi ukuzivikela okuthe xaxa ngokugoma abantu abaningi kuyisifiso esihle sokuthi ukhetho oluphephile, olukhululekile nolunobulungiswa lutholakale,” kusho uSihlalo we-IEC uGlen Mashinini.
Umbiko kaMoseneke uthe besingekho isikhathi esanele sokuthi i-IEC noma amaqembu ezepolitiki alungiselele ukhetho futhi akhankase ngokulingana nangokukhululeka ngesikhathi somvalelo.
Uye waphakamisa ukuthi ukhetho lubanjwe kungakapheli uNhlolanja wezi-2022.