Ukhetho lokuchibiyela komasipala abathathu ezifundazweni ezintathu

Lungani Zungu

Amandla e-ANC azophinde avivinywe ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela ezigcemeni ezinhlanu zomasipala ezifundazweni ezintathu ngoLwesithathu.

Ukhetho lokuchibiyela luzobanjwa KwaZulu-Natal, eMpumalanga kanye nase-Northern Cape.

I-ANC itshale isigungu esiphezulu sesifundazwe ukuthi sikhankase ngaphambi kokhetho olubalulekile lokuchibiyela.

Amalungu amathathu esifundazwe ale nhlangano (PEC), uBheki Ntuli, uMzi Zuma kanye noNomalungelo Gina bangene umuzi nomuzi bekhankasela amavoti.

I-ANC izofaka uMnu Vusumuzi Sakhiseni Mthabela esigcemeni sesi-12 ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni kanti uzobe eqhudelana noMnu Mxolisi Ntuli we-EFF.

UMnu Wellington Bonginkosi Nsele we-IFP unokuzethemba ukuthi uzowina njengoba isigceme besiholwa i-IFP kuze kwaba ukuthi kuvuleka isikhala ngemuva kokushona kwekhansela ngoMasingana.

I-IFP yawina lesi sigceme ngo-58.05% okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye.

Leli qembu lathola izihlalo ezingu-12, i-ANC yathola eziyishumi, i-EFF kanye ne-NFP zathola isihlalo esisodwa iqembu  ngalinye.

Ukhetho lokuchibiyela eMpumalanga lizokwenza ukuthi  i-ANC iqhudelane namakhansela ayo axoshwa kuleli qembu ngenxa yokusebenzisana ne-EFF.

Obeyikhansela le-ANC uMnu Jacob Mancoba Mtetwa manje ozimele ungenele ukhetho lokuchibiyela esigcemeni sesithathu ngaphansi kukaMasipala waseNkomazi.

Uzoqhudelana noWanda Ngomane we-ANC kanye noZanele Ngomane we-EFF.

I-ANC yawina lesi sigceme ngo-73.52% nyakenye.

Isikhala kulesi sigceme sivuleke ngemuva kokuthi i-ANC ihoxise ubulungu bekhansela.

Esigcemeni seshumi omunye owayeyikhansela le-ANC uVincent Tsepo Nyambi uzoqhudelana neqembu lakhe lakudala njengozimele.

I-ANC iphakamise u-Irvin Kevin Sibiya ukuthi angenele lolu khetho kanti i-EFF yona ithumele uSunnyboy Charles Mkabela ukuthi angenele ukhetho.

Lowo owayengenele ukhetho lwe-ANC wawina lesi sigceme ngo-72.63% ngesikhathi sokhetho lwanyakenye.

Isigceme sesi-13 kuMasipala wase-Bushbuckridge nakhona kuzoba nombango onzima.

Phambilini lesi sigceme besiholwa yi-ANC kwase kuvuleka isikhala ngenxa yokushona kwekhansela.

Obengenele i-ANC wawina lesi sigceme ngo-39.19%.

Olunye ukhetho lokuchibiyela luzoba esigcemeni sesi-21 kuMasipala i-Sol Plaatje e-Northern Cape.

Lesi sigceme sizobangwa uLucas Ruiters ongenele ukhetho ngokuzimela ephikisana noRanolang Edwin Tokgwi we-ANC.

UJamie-Lee Andrea Simoné Greeff we-DA, uSelebogo Devillier More we-EFF kanye noJohan Dawid Griesel we-Vryheidsfront Plus (VP) bonke bagaqele lesi sikhundla.

I-DA yawina lesi sigceme ngo-51.14%.

Izihloko zakamuva