Lungani Zungu
Lungahle luhlehliselwe uNhlolanja wezi-2022 ukhetho lohulumeni bezindawo okulindeleke ukuthi lube ngomhla zingama-27 kuMfumfu.
Lokhu kungemuva kokuba uJustice Dikgang Moseneke ethe ukhetho lohulumeni bezindawo ngeke lube ngolukhululekile nolunobulungiswa uma lwenzeka kulo nyaka. Lokhu kungenxa yokuqubuka kobhubhane lokhuvuthe.
Bangaphezu kwe-67 000 abantu baseNingizimu Afrika asebashona ngenxa yokhuvethe kusukela ngoNdasa ngonyaka odlule, ngesikhathi ubhubhane lufika okokuqala kuleli.
Uphenyo lukaMoseneke Lokuqinisekisa Ukhetho Lohulumeni Bezindawo Olukhululekile ngesikhathi sokhuvuthe lubheke imibiko eminingi yezempilo ngaphambi kokuphothulwa.
USihlalo weKhomishini Yezokhetho Ezimele, uMnuz Glen Mashinini, uthe bazowucwaninga lo mbiko ngokushesha bese benquma ukuthi iyiphi indlela eya phambili.
“Ngalokhu, ikhomishini ilindele ukwenza isimemezelo sokugcina ngokuya phambili ezinsukwini ezimbalwa ezizayo,” kusho uMashinini.
Amaqembu ezepolitiki asesicubungulile isinqumo sokuhlehliswa kwalolu khetho.
Yize noma i-ANC ekuqaleni yayiphakamise ukuthi ukhetho lubanjwe ngaphansi kwemithetho eqinile yomvalelo, iqembu elibusayo liwamukele lo mbiko.
Kodwa iqembu eliphikisayo elisemthethweni, i-Democratic Alliance, alivumanga, lathi makuqhutshekwe nokhetho.
Okhulumela iqembu uSiviwe Gwarube uthe: “Sasishilo kwasekuqaleni ukuthi singakwazi ukubamba ukhetho ngaphansi kwemikhawulo yokhuvethe.”
Uqhube wathi, i-DA isazowucwaninga lo mbiko kaMoseneke ngenxa yemithelela yomthethosisekelo bese ixoxa ngezinyathelo zayo ezilandelayo.
I-EFF ibilokhu ifuna ukuthi luhlehle ukhetho, futhi lubanjwe kanye nokhetho lukazwelonke ngowezi-2024.
Amaqembu afana ne-DA bekulindeleke ukuthi aludlulisele enkantolo lolu daba uma ngabe i-IEC izisebenzisa izincomo zikaMosekene.
Umhlaziyi wokhetho uWane Sussman uthe abasalele emuva ngamaqembu amaningi asanda kusungulwa, kanye namaqembu asungulwa ngokhetho olwedlule. Lapha kubalwa i-Action SA yowayeyiMeya ye-DA eGoli uHerman Mashaba, i-Patriotic Alliance kaGayton McKenzie kanye neqembu likaPatricia Dille, i-GoOD.