Ukhathazekile umzali okuchithwa   ingane yakhe esikoleni

Lubhalwe nguNothando Makhubela

U-Agatha Sehlangu ongumama kaZanele Sehlangu (17) uthi usephelelwe ithemba lokuncenga isikole samabanga aphezulu i-Hoërskool Patriot ukuthi siphinde samukele indodakazi yakhe futhi. 

UZanele waphuthelwa ukufunda nyakenye ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngoMbasa ngenxa yesifo sofuba. 

Unina uthe ngoLwesibili ubikelwe isikole samabanga aphezulu i-Hoërskool Patriot, Emalahleni, eMpumalanga ukuthi indodakazi yakhe ayisenayo indawo ekilasini lebanga lesishiyagalombili futhi  kufanele afune esinye isikole njengoba zizovulwa ngoLwesithathu.

“Ibuhlungu inhliziyo yami indodakazi yami ayizange izikhethele ukugula,” kusho umzali.

“Indodakazi yami yaqala ukungena esikoleni samabanga aphezulu i-Hoërskool Patriot iyofunda ibanga lesithupha, kodwa ngemuva kokuba ilaliswe esibhedlela ngoMbasa phakathi nethemu yesibili inyanga yonke, isikole sathi ngeke esakwazi ukungena.”

Uthe uthisha kaZanele waphakamisa ukuthi njengoba uZanele ebuthakathaka futhi egula kakhulu kufanele agxile ekubeni ngcono.

“UZanele ngeke esakwazi ukubamba esesikufundile kuzomele aphinde ibanga elifanayo ngonyaka ozayo uma kunesikhala esikoleni,” kusho unina.

UZanele ubefuna impilo yakhe ibuyele kwejwayelekile, kodwa usezophoqeleka ukuthi athole esinye isikole.

“Ngijabule kakhulu ngokubuyela esikoleni ngiyofunda njengabanye abafundi. Bengingenankinga ukuphinda ibanga elifanayo, kodwa manje ngiphoqeleka ukuthi ngithole esinye isikole okubuhlungu kakhulu futhi angiboni ukuthi kumele yini kwenzeke,” kusho uZanele ehluleka ukubamba izinyembezi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga uGerald Sambo uthe: “siwuMnyango sisalubheka lolu daba nesikole nesekhethi.”

Osesithombeni esingenhla: UZanele Sehlangu

Umthombo wesithombe: Nothando Makhubela

Izihloko zakamuva