Ukhathazekile umphakathi ngezimoto zamaphoyisa ezingasebenzi  

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamuzi zaseNyanga okungelinye lamalokishi aseKapa ayingozi kakhulu, zithi ukuphepha kwazo kusengcupheni ngenxa yezimoto zamaphoyisa ezingasebenzi ezipake ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa sendawo.

Amalungu omphakathi athi izimoto zamaphoyisa cishe eziyisikhombisa azikwazi ukusetshenziswa, kanti eziningi ziphantshe amathayi.

Isakhamuzi uNolusuindiso Jekana uzwakalise ukukhathazeka ngezimoto eziningi zamaphoyisa ezingasebenzi.

INyanga ingelinye lamalokishi aseKapa ayingozi kakhulu kanti futhi kumele sibe nazo zonke izimoto emgwaqeni,” kusho uJekana.

Esinye isakhamuzi esicele ukungadalulwa siye esiteshini samaphoyisa siyovulela isoka laso icala. Kwathiwa akalinde, kodwa wagcina ehambile ngaphandle kosizo.

“Ngalinda isikhathi eside, kodwa angilutholanga usizo isoka lami laze lafona lithi uma ingekho iveni yamaphoyisa ezomlanda lingagibela itekisi eqonda esiteshini samaphoyisa.”

ULubabalo Class ubevakashele esiteshini samaphoyisa ukuyoqinisekisa amaphepha akhe ngesikhathi ezwa owesifazane ekhala ngamahora amade awachitha elinde imoto yamaphoyisa.

“Lo wesifazane ulinde iveni yamaphoyisa isikhathi esingaphezu kwamahora ayisithupha ngesikhathi amaphoyisaevakashele kwesinye isigameko. Ugcine esegoduka engasizwanga,” kwengeza uClass.

Lesi simo siphakamise imibuzo mayelana nokuzibophezela kukahulumeni ekuhlinzekeni ngezidingo ezibalulekile emiphakathini.

USihlalo weNyanga Community Policing Forum, uDumisani Qwabe uthe uyazi ukuthi isicelo sokuthi kulungiswe amasondo aphantshile sathunyelwa egaraji likahulumeni.

“Ngiyawazi uMnyango ofanele. Igalaji abalisebenzisayo alikwazi ukubhekana nezimoto eziphukile. Kunokuthi kube nezimoto ezingaka ezipakwe ngesikhathi ubugebengu budlondlobala kumele banikeze abanye abantu umsebenzi,” kusho uQwabe.

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape uKaputeni Frederick van Wyk, uyivumile le nkinga wathi izimoto ezingasebenzi kahle zizolungiswa ngoba bayazi ukuthi ziphazamisa ukulethwa kwezidingo kubantu.

“Izinsizakusebenza ezifana nezimoto zivamise ukudinga ukulungiswa noma zingasebenzi kahle ngenxa yokusetshenziswa kwalezi zinsiza amahora angu-24.”

“Uma izimoto zingasebenzi ngenxa yokulungiswa noma ukuwohloka, kuthathwa ezinye izindlela ukuze umsebenzi wamaphoyisa ungathikamezeki.”

Akacacisanga ukuthi kanjani.

Esithombeni esingenhla: Zingaphezu kwesikhombisa izimoto zasesiteshini samaphoyisa kwaNyanga ezingasebenzi, iningi lazo ziphantshe amathayi, okudala ukukhathazeka emphakathini.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva