Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Sekuphele cishe amasonto amabili umndeni wakwaNombinja e-Eastern Cape uthungatha indodana yawo elahlekile uSiphenathi, kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
Lo wesilisa oneminyaka engu-21 ubudala wasuka ekhaya e-Lambase e-Lusikisiki eya olwandle lwase-Msikaba ngosuku lukaNcibijana akaphindanga wabuya.
“Waya olwandle nabangani bakhe wabambisa omunye umngani wakhe u-Aphiwe umakhalekhukhwini wakhe ukuthi amgadele njengoba ezobhukuda. U-Aphiwe naye uhlala e-Lambase. Abaphindanga babonana kanti yena u-Aphiwe wabuya ekhaya kubo,” kusho udadewabo uYoleka Nombinja.
“Umama waya ekamelweni likaSiphenathi ngalobo busuku, kodwa wayengekho. Wayenethemba lokuthi uma evuka ngakusasa uzobuya. Kodwa kuze kube namuhla akakaze abuye.”
Mhla zimbili kuMasingana kwavulwa icala lokuduka kukaSiphenathi esiteshini samaphoyisa e-Lusikisiki. Abanye abantu emphakathini baye ezibhedlela nasemitholampilo yase-Lusikisiki okuhlanganisa nesibhedlela i-Holy Cross beyombheka uma kwenzeka eyiswe khona ngenxa yokulimala.
“Onogada basolwandle e-Msikaba basitshele ukuthi abekho abaminze ngoNcibijane. Wonke umuntu owacishe waminza ngalelo langa wathunyelwa esibhedlela noma emtholampilo,” kusho uYoleka etshela i-Scrolla.Africa.
Uthe baze bayombheka emakhazeni umfowabo, kodwa abamtholi.
“Kuthe uma kuthungathwa kwavela ukuthi kukhona abantu ababone uSiphenathi ekhala endaweni eqhelile nolwandle. Kodwa ngaphambi kokuthi bafike kuyena wathathwa ngabesilisa ababili abebebonakala bemsiza.”
“Lesi simo sinzima emndenini wonke. Umama wethu usezinhlungwini futhi uhlale ekhala, kodwa umphakathi uyaseseka futhi uyasiza ngokumfuna nanamuhla.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uWarrant Officer Majola Nkohli uthe abaseshi base-Lusikisiki be-SAPS basathungatha uSiphenathi.
“Uphiko lwe-SAPS Search and Rescue Unit lutshalwe e-Lusikisiki nase-Port St Johns ukuze lithungathe uSiphenathi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Osesithombeni ngenhla: USiphenathi Nombinja, owaduka ngoSuku LukaNcibijane
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe