Dalphine Tagwireyi
Umndeni kaMuzi Shongwe oneminyaka engu-36 ufuna ukwazi ukuthi ikuphi indodana yabo osekuphele amasonto amathathu idukile.
UShongwe nabangani bakhe abathathu bathunjwa mhla ziyisithupha kuMbasa. Lesi sigameko sabikwa esiteshini samaphoyisa Kwanyamazane e-Mpumalanga.
Okushaqisayo ukuthi abangani bakhe ababili batholakala bengcwatshwe ethuneni elingashoni e-Pienaar mhla ziyisishiyagalolunye Omunye. Omunye wabagilwa weqa lapho babehlukunyezwa khona, kodwa uShongwe akakatholakali.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ubabekazi kaShongwe uJabulile Sikhonde uthe umndeni ukhathazekile kakhulu futhi uyamthungatha.
“Umngani wakhe usitshele ukuthi bathunjwa bahlukunyezwa kanzima kodwa yena wakwazi ukuphunyuka wabaleka futhi ukhathazekile ngalaba abanye abasala,” kuchaza uJabulile.
“Kunzima nokulala asazi ukuthi uMuzi ukuphi. Singumndeni siyazi ukuthi kukhona okubi ake akwenza nabangani bakhe, kodwa usayingane yethu noma yini eyenzekayo siyakhuleka ukuthi simthole noma basitshele ukuthi isidumbu sakhe sikuphi.”
USikhonde uthe lo mndeni usuhambe i-Mpumalanga yonke ufuna uMuzi ezibhedlela nasemakhazeni, kodwa lutho ukumthola okubenza basabe kakhulu.
“Esikudingayo ukuthula emoyeni wethu njengo mndeni. Sibuya ngisho naseNkantolo ngesikhathi abasolwa ngokubula kade bevelile besicabanga ukuthi bazositshela ukuthi bayibeke kuphi indodana yethu, kodwa abazange nje bayiphathe leyo.”
Abasolwa abayizelamani uPrecious noSanele Sungulu bavele eNkantolo yeMantshi Kanyamazane bebhekene namacala amabili okubulala, elokushaya kanye namathathu okuthumba. Isicelo sabo sebheyili sihlehliselwe umhlaka-15 kuNhlaba.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Mpumalanga uLieutenant General uDaphney Manamela ukuqinisekisile ukuthi uphenyo ngecala lokulahleka komuntu lusaqhubeka.
“Nginxusa imiphakathi ukuthi ivumele abomthetho benze umsebenzi wabo njengoba sekufakazelwe izikhathi eziningi ukuthi umthetho uzobajezisa abenzi bobubi,” kusho uKhomishana.