UKhanyile wehlulekile ukuvela phambi kwenkantolo ngemuva kokubonakala ejabulisa abaholi be-Sasco

Celani Sikhakhane

Owayeyisishoshovu se-Fees Must Fall uBonginkosi Khanyile angase azithole evalelwe ejele ngemuva kokuhluleka ukuvela phambi kwenkantolo ngoMsombuluko.

Bekumele avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kodwa wangafika kwabe sekuphuma nencwadi egunyaza ukuthi aboshwe.

Lokhu kungemuva kokuthi abonakale  emhlanganweni wabafundi be-ANC obuhambisana nenhlangano yabafundi i-South African Students Congress (i-Sasco) National General Council ngeSonto ebusuku eMlazi, KwaZulu-Natali.

UKhanyile ubekwe amacala amahlanu okudala udlame emphakathini nokuba nemibuthano engekho emthethweni mayelana nezidubedube zangoNtulikazi. Sichithiwe isicelo sakhe sebheyili yesikhashsna yemali eyizi-R5,000.

Inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe kuze kube umhla ziyishumi kuMasingana.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla ziyisishiyagalombili kuNhlolanja ukuze kube nengqungquthela eyandulela ukuqulwa kwecala.

Usomlomo wakhe uPhilani Nduli uthe uKhanyile ubengaphathekile kahle ngoMsombuluko.

“Uye kwi-NGC ye-Sasco ngeSonto futhi ubehamba kahle, kodwa ngoMsombuluko akakwazanga ukuya enkantolo ngenxa yokugula. Uye emtholampilo wendawo ngoba kungenzeka ukuthi ungenwe i-Omicron njengoba ebehambele umhlangano omkhulu ngeSonto,” kusho uNduli.

Uveze ukuthi abammeli bakhe bazokwethula incwadi kadokotela enkantolo.

UKhanyile waboshwa eGoli mhla zingama-20 kuNcwaba ngezinsolo zokugqugquzela uthuthuva.

Imibandela yebheyili yakhe imenze wangakwazi ukusebenzisa i-akhawunti yakhe ye-Twitter kuze kube luyaxazululwa udaba lwasenkantolo. Kuzomele aphinde ayobika esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow eGoli uma esafunda ekolishi eliseGoli.

Izihloko zakamuva