Celani Sikhakhane
Lowo owayeyisishoshovu se-Fees Must Fall, uBonginkosi Khanyile, udedelwe ejele ngebheyili yemali eyizi-R5,000 ngemuva kokuboshwa ngenyanga edlule ngezinsolo zokudala udlame nokuphanga okwashukumisa izingxenye ezithile KwaZulu-Natali nase-Gauteng ngoNtulikazi.
UKhanyile, ongumlandeli wokuqina kaJacob Zuma unikezwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili ekuseni ngemuva kwamasonto ihlehliswa. Uzobuyela e-Gauteng ayobika esiteshini samaphoyisa e-Hillbrow.
Imibandela yakhe yebheyili iyamvimba ukuthi asebenzise i-akhawunti yakhe ye-Twitter ngesikhathi secala.
Ubhekene namacala okugqugquzela udlame emphakathini kanye namacala amabili okubiza umhlangano owephula umthetho we-Disaster Management Act.
UKhanyile ubonakale ezinhlakeni ezahlukene zezindaba enxenxa ukuthi kukhululwe uZuma e-Estcourt Correctional Services.
Usejoyine uhlu lwabanye abagqugquzeli bodlame abadedelwe ngebheyili. Phakathi kwabo kubalwa ‘uSphithiphithi Evaluator’ uZanele Majola kanye nowayenguDJ woKhozi FM uNgizwe Mchunu.