Lubhalwe nguMichael Madyira
Owayengumdlali weKaizer Chiefs uJunior Khanye usole umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ngokwehluleka kweSundowns emzamweni yayo yokubutha izindebe.
ISundowns iqede isizini edlule iwine isicoco se-Premier Soccer League ngemuva kokutshala imali enkulu ekwakheni isikwati sayo.
Ngemuva kokuwina izicoco ezintathu ekupheleni kwesizini ka-2021/22, iSundowns ayikwazanga ukukuphinda lokhu ngesizini edlule njengoba iphuthwe isicoco se-Nedbank Cup, ese-MTN8 kanye nese-CAF Champions League.
Bachithe isikhathi somkhankaso ngaphansi kukaMokwena owakhushulelwa esikhundleni sokuba umqeqeshi omkhulu ngemuva kokuhlolisisa abaqeqeshi.
UKhanye ukhomba lapho acabanga ukuthi umqeqeshi weSundowns wenze iphutha khona futhi ukholelwa ekutheni umqeqeshi kufanele asolwe ngezicoco abangaziwinanga.
“ISundowns bekumele ithole isicoco se-Nedbank Cup kodwa umqeqeshi ubengafaki abadlali abafanele enkundleni,” kusho uKhanye etshela i-Scrolla.Africa.
“Abadlali okufanele badlale kubalwa kubo [uRushine] De Reuck, [uMosa] Lebusa kanye no-Andile Jali. Nguye okumele asolwe ngokwehluleka kweqembu. Umdlali uCassius Mailula ubeza kahle kodwa kwesinye isikhathi ubehlala ebhentshini.
“Ngakho umqeqeshi nguyena okufanele asolwe kuSundowns ngaphandle kwalokho ngabe yawina.” Usho kanje.
Bekuyisizini esibona kuyo abadlali basemuva abafana noDe Reuck kanye noLebusa bengenzi kahle nokuyinto eyenze ukuthi umqeqeshi ancamele ukufaka uGrant Kekana, u-Abdel Boutouil kanye noBrian Onyango enkundleni.
UJali uyeke ukuzilolonga neSundowns ngoNdasa ngenxa yezinsolo zokungaziphathi kahle kanti usanda kudedelwa kwinkontileka yakhe.
Yize uKhanye esola uMokwena, ngeSonto eledlule umqeqeshi weSundowns uklonyeliswe ngenkontileka entsha yeminyaka emine nokuyinto ekhombisa ukwethenjwa abaphathi bakhe.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns